Ezezimoto

ISonet isobozela kwasani emgwaqeni

Lindani Buthelezi

SEKUWUMLANDO ukuthi iSonet itheleke okokuqala kuleli ngo-2020 kodwa isikwazile ukuzitholela indawo ezinhliziyweni zabathengi.

Nakuba belinyusile izinga kulena yakamuva nentengo yayo ithe xaxa kodwa okuhle ukuthi isizathu salokho siyabonakala.

Lapha ngikhuluma ngeKia Sonet 1.0T litre EX DCT ekhiqiza amandla angu 88kW kanye netorque engu 172Nm.

Esigabeni sezimoto eziphakathi nendawo esibizwa ngeCompact SUV iSonet ungayikhipha phambili ngezinga eliphezulu lezinto ephuma nazo.

Emgwaqeni iyabambelela, intofontofo bese idla ngamandla ilekelelwa ugearbox odonsa ngamagiya ayisikhombisa u-7, speed dual clutch otholakala kuzona zonke izihlobo ze-Sonet.

Ngaphandle ushintsho lugqame kakhulu ngaphambili kumalambu asebewahlele kabusha.

Ngezansi kwigrille isidle ngokucija. Indlela ehlanganiswe ngayo iSonet ithathelwe ohlelweni olusha lwenkampani yaseSouth Korea asebakha ngayo izimoto zabo zesimanje.

Iphuma nedaytime running lights, amalambu enkungu.

Ngemuva amalambu awuhlobo olusha bawathe chwa ngaphansana kancane kwewindscreen.

Iwiper langemuva lenza omkhulu umsebenzi ikakhulukazi uma unqamula endaweni enothuli.

Uma uyiqhathanisa nendala ubude bayo abushintshile kusenguwo u-4 110 mm.

Okunye okusha abakwenzile kwaKia ukushintsha amasondo abe ngu-16 inch base bewafaka ama wheel cap.

Uma uwabukela kude uyadideka ngoba afana ncamashi nerimu.

Badinga ukwethulelwa isigqoko kwaKia ngomsebenzi abawenzile kulokhu.

Ukwengenza iturbo kuyinika amandla okuthi ikwazi ukudlula ngomshubo ezinye futhi ngaphandle kokumimilita uphethroli.

Ngebanga lika100km icaphuna phakathi kuka 6.7 litre okuwukonga okukhulu.

Ezindaweni eziyisiminyaminya njengasenkabeni yedolobha nakhona kulula ukuthubeleza nokuchusha ngayo.

Nokuyipaka akuwona umqansa ngoba iqoqene kahle.

Udashboard bawuxine ngokuningi okuqukethwe kuscreen esingu 8 inch esiphuma nekhamera.

Igqize ngombala omnyama ngaphakathi okunye okuqaphelekile ukuthi umsakazo uyakwazi ukuwulawula nasesiteringini.

Izihlalo ziyindwangu empunga okulula ukuzisula futhi nokungcola azikubambi.

Amakhosombe okubeka izinto njengesikhwama semali amaselula siyinsada.

Isikhala ebhuthini singu-385 litres uma izihlalo zilalisiwe siyanda.

Ngaphambili iyakwazi ukuxhuma i-Apple CarPlay ne-Android Auto kumaselula esimanje.

IKia Sonet isiyatholakala kuwona wonke amagaraji akwaKia ezweni kusuka eKia Pinetown, Kia Umhlanga, Durban South eManzimtoti, eMgungundlovu, eFilidi, eMpangeni, ePort Shepstone, eWaterfall ngaseHillcrest, eNewcastle, eSpringfield naseBallito.

Intengo: R436 995

Injini : 1.0-litre, 3-cylinder turbopetrol, 7- Speed DCT

Amandla : 88 kW @ 6 000 r/min, 172 N.m @ 1 500 – 4 000 r/min.

Ijubane eliphezulu: 185 km/h

Ukudla kuphethroli: 6.7 L/100 km

Related Articles

Back to top button