Unyanyile umlingisi ngabesifazane abashada abokufika
Bahle Mkhize
UMLINGISI weGenerations The Legacy uManaka Ranaka uhlabe wahlikiza abesifazane bakuleli abajola nabantu bokufika ngenxa yemali.
Uthi lesi senzo sibulala izwe laseNingizimu Africa.
UManaka uhlaba kakhulu labo abashada nabokufika ukuze bathole ubuzwe bakuleli, uthi lesi senzo sidala izinkinga.
“Osisi bethu badayisa ngezwe. Ngisanda kubona ivideo yowesifazane othenjiswe uR1000 kodwa wagcina ethole uR70. Noma ngabe uyitholile leyo mali kodwa nilula, nisifaka enkingeni. Sizama ukulungisa izwe nina niyabheda la. Cabanga ukushada umuntu eningazani naye ngoR1000 ozophela manje emabhiyeni. Singenza kancono kunalokhu, asingakhombisi ukuswela ngaleyo ndlela,” kubhoka uRanaka.
Le nkulumo kaRanaka ilandela isigigaba lapho uChidimma Vanessa Onwe Adetshina enyule ngomzuzu wokugcina emncintiswaneni kaMiss South Africa 2024.
Kule nzukazikeyi kwaphimde kwavela ukuthi unina kaChidimma kungenzeka ukuthi wenza icala lolukhwabanisa eminyakeni eminingi edlule.
Bamesekile abalandeli bakhe kuTikTok.
“Uqinisile uManaka. Kokunye abesifazane bakhokhelwa uR300 ngenyanga ukusiza amadoda asePakistani naseBangladesh ukuze bathole ubuzwe. Abantu besifazane bakwenza lokhu ngoba befuna imali bese bedayisa ngezwe lethu,” kufakaza umlandeli.
UMandisa Madida uthi: “Bonke laba abashade nabo, abaxoshwe baye kula mazwe abashadele kuwo,” ubhale kanje.
UMduduzi Khumalo: “Kumele kushintshwe lomthetho wokuthi mabeshada namantombazene ala e-SA bangatholi ubuzwe balana, uma ushadwa indoda yase Malawi kumele owesifazane athole ubuzwe base Malawi.