Izindaba

Ishiphelene kwi-EFF kushiya uShivambu

Liyah Mseleku

KUJABULISE abaningi kwashiya nabanye bekhala ukushiya kukaFloyd Shivambu obengusekela mongameli eqenjini i-EFF wajoyina uMkhonto Wesizwe Party (MKP).

Ezinkundleni zokuxhumana kuyachwaza kumanje kubatshazwa lesi sinqumo ebesingalindelekile.

IMK iqembu lesithathu ngobukhulu eNingizimu Afrika.

UShivambu utshele abezindaba ukuthi akabuvuselelanga ubulungu be-EFF ngoba useqome iMK Party futhi uzobamba iqhaza kuyo.

Akapholisanga maseko uShivambu emuva kokwesula kwi-EFF njengoba ezinkundleni zokuxhuma enameke iflegi leMK wabe esebhala:

“Noma yisiphi isizwe siyafika isikhathi lapho kumele ukhethe phakathi kokubili ukulwa noma ukuzinikela. Leso sikhathi sesifikile manje eNingizimu Africa. Akumele sizinikele kodwa kumele silwe kakhulu ngakho konke okusemandleni ukuvikela abantu bakithi, ikusasa nenkululeko. 16 December 19161,” usho kanje.

Kulindelwe ukuba uShivambu obethathwa njengenjini ye-EFF alandelwe eduze ngabanye abaholi ekushiyeni leli qembu elaziwa ngamabharethi abomvu.

Phakathi kwabaholi abanohlonze asebejoyine iMK kuvele negama lika Mnuz Mzwandile Manyi.

Ephawula umholi we-EFF uMnuz Julius Malema uthi ubuhlungu abuzwayo ngokusula kukaShivambu bufana nse nalobu abuzwa ngosuku kudlula umama wakhe emhlabeni.

Uthi uShivambu ungumfowabo futhi balisungula ndawonye leli qembu.

Umnika ilungelo lokubuya ngelinye ilanga okuyinto engavumelekile kwamanye amalunga uma eseke ashiya kwi-EFF.

UMalema uthi baningi abasazosula abathembekile kuShivambu nokusho ukuthi umkhumbi uyazika, uthi lokhu kungabaqinisa likhule iqembu noma kulibulale life nya.

Related Articles

Back to top button