Ufele emanyaleni usayitsheni wakwaMashu odutshuliwe
Bahle Mkhize
USALE enkundleni usayithseni wasesiteshini sakwaMashu odliwe yinhlamvu wafa nokusolakala ukuthi ubehlangene nezigebengu ebezihujwa amaphoyisa ngeSonto ntambama.
Leli phoyisa nabanye abasolwa abahlanu kuthiwa baphange isitolo esise Richmond.
Kuthiwa bakhombe ngezibhamu umnini sitolo nabasebenzi bakhe bashaqa isibhamu sokuzivekala, isamba semali esingadaluliwe nezinye izimpahla.
Zikwenza lokhu nje lezi gila mkhuba zidlubhe imifaniswano yamaphoyisa.
Kube sekuthintwa amaphoyisa angempela , kwabonakala izimoto ezimbili ebezindiza zisuka endaweni yesigameko.
Abakwasidlodlo bazilandele baze bayongena kuMngwenya Avenue eLindelani.
Kuthiwa ngesikhathi izigilamkhuba sezibona ukuthi inhlanzi ishelwe amanzi zaqala ke zadubula zibhekise emaphoyiseni zaphuma zagelekeqeka emzini ebezicashe kuwo.
IPurpose ihoshe umoya wokuthi kulowo muzi bekuhlala umgulukudu wesigebengu esishaya izimoto zemali nebesingaphandle ngebheyili.
Abasolwa ababili badubuleke kabi endaweni yesigameko batholakala nemifaniswano yamaphoyisa.
Omunye utholakale nesibhamu sephoyisa nebullet proof vest.
Ngesikhathi abakwasidlodlo bepequlula endlini bathole enye ibullet proof neraincoat yamaphoyisa.
Akuphelanga lapho njengoba endaweni yesigameko kutholakale nemoto yephoyisa ebelikade lisebenza ngayizolo ebusuku esiteshini sakwaMashu.
Khonamanjalo abakwasidlodlo baphinde bathola umkhondo wokuthi kunephoyisa elilimele nelicashe emjondolo kwaPhindangene eNtuzuma kwaB.
Ngesikhathi befika abakwasidlodlo babingelelwe ngesibhamu, leli phoyisa ebelicashile lidubula libhekise kozakwabo.
Zikhalile nakuye wafa, uphenyo lukhombe ukuthi ungumnikazi wesibhamu esitholakala kumsolwa odutshulwe wabulawa esigamekweni sokuqala eLindelani kanjalo nemoto ngeyakhe.
Amaphoyisa aphume inqina abheka abasolwa abathathu ababaleke bagcwala isiganga.
UKhomishana wamaphoyisa kwaZulu-Natal uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi uthe labo abazibandakanya ezenzweni zobugebengu embuthweni wamaphoyisa bayohlangana nezimbila zithutha ziholwa emhlophe phambili.
Ube esenxusa noma ngubani ongaba nolwazi lwabasolwa abafunwayo ukuthi baxhumane namaphoyisa aseduze.
Khonamanjalo ngoMsombuluko emini liboshwe lisesi bhedlela iphoyisa lakwaMashu elisolwa ngobugebengu elibalekele ngesikhathi amaphoyisa edudulana ngenganono nabasolwa eNtuzuma, eThekwini, ngeSonto. Iphoyisa kuthiwa beliyingxenye yababambe inkunzi isitolo eRichmond ngeSonto.