Kubulawe ‘intombi’ ebiholwe otshwaleni
UBULAWE ngesihluku owesilisa waseMadadeni, eNewcastle, KwaZulu-Natal. UClement Hadebe (29).
Lo wesilisa ophila impilo yabantu besifazane ubezikhiphile nabangani bakhe ngeSonto.
Ube esehlangana nendoda obezibonela intombi yamcela ukuthi kuyophuzwa endlini yayo.
Ngokusho komngani kaHadebe, owesilisa nabangani bakhe bacele ukuhlala nomufi nezinye izintokazi, babathengela iziphuzo.
Ngokubona owesilisa ukuthi ukhombisa ukuthanda uHadebe, omunye wabangani wamxwayisa ukuthi akasho iqiniso ngobulili bakhe ukuthi ungowesilisa.
Akasithathanga isiluleko somngani, wangaphunela obala.
Wasamukela isicelo somlisa sokuya naye endlini.
NgoMsombuluko ekuseni watholakala eshonile, edutshulwe izikhawu eziwu-9 eBnB yaseGoli.
UHadebe wahlangana nomsolwa kwaMai-Mai, eGoli lapho kwakuphuzwa khona.
Omunye wabangani baHadebe uveze ukuthi ngesikhathi besemotweni nomufi nomlisa, ngaseHostela eJules umsolwa wamkhipha emotweni wathi ufuna ukuchitha isikhathi noHadebe yedwa.
Umngani uthi basola ukuthi uHadebe ubulawe emuva kokuthi umsolwa ethole ubulili bakhe beqiniso ukuthi uyindoda.
Umngani kamufi obethukile futhi ephatheke kabi, ubale izikhawu eziningi lapho umsolwa abethenga ngaso utshwala ecabanga ukuthi uHadebe owesifazane.
Waze wabekisa ngisho ikamelo eBnB.
“Bekumele amyeke ahambe. Ngithandazela ubulungiswa ngesenzo esibuhlungu kangaka. UHadebe wayengeve elungile eyithanda impilo kakhulu. Ubengakufanele ukufa ngesihluku esingaka.” kusho umngani.