Umfundi kagrade 8 ongumashonisa nakothisha
Phila Luthuli
UZOTHUMELA abahloli uMnyango wezeMfundo eSiyabonga Secondary School, eLovu, ogwini oleseningizimu yeTheku.
Lokhu kulandela isigameko umfundi owenza ugrade 8 ongumashonisa eshaye kanzima omunye umfundi wakagrade 11 obemkweleta.
IPurpose ihoshe nomoya wokuthi nabanye othisha baboleka kulo mfundi imali nokumenza amile izimpiko.
UThishanhloko uMnuz Bongani Dlomo ubabizele ehhovisi ngoLwesine emini wabhala incwadi efuna umzali kamoshonisa wabe esemkhipha ngesango.
Uxoshwa nje lomfundi esiligodlile igama lakhe (17) kuthiwa wabolekisa ngo-R50 yazala imali yakhe yaze yafinyelela ku-R600.
Umthombo wangaphakathi uthe indaba yonakala ngesikhathi engasigcini isivumelwano lo obolekiwe.
“Imali kamashonisa izala uR20 ngosuku. Kuhambe isikhathi lo obolekile engayikhokhi nokucasule u… wamgqashula ngempama ngaphakathi emagcekeni esikole ehamba nabangani bakhe. Udaba luhambe lwaze lwafika kuthishanhloko. Okubi wukuthi nothisha baphephela kulo mfana ongumashonisa. Omunye uthisha sikhuluma nje ukweleta lomfana imali engango R1600 sekuhlangene nenzalo,” kusho umthombo.
IPurpose ihoshe umoya wokuthi akusiye yedwa ongumashonisa kodwa kunabanye abafundi okuvele kubona negama likaMabhiza.
Ngaphandle kwamashonisa kuthiwa nensangu idayisa isidana njengoba kunothisha abaziyo ukuthi kunezimeshenti kulesi sikole kodwa abenzi lutho.
Okunye okuvelile wukuthi umashonisa uzibambela amatoho eCar Wash yasendaweni uma engekho esikoleni.
Ethintwa uthishanhloko uMnuz Bongani Dlomo, uthe uyakweshwana lokhu. Wathembisa ukubiza umhlangano wothisha masinyane.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo kwaZulu-Natal uMnuz Muzi Mahlambi uthe kuzothunyelwa abahloli ukuyoxoxisana nothishanhloko.
“Kuzothunyelwa abahloli esikoleni ukuyoxoxisana nothishanhloko. Isikole esokufunda nokufundisa, kuyethusa ukuthi kukhona umfundi obolekisa ngemali esikoleni. Icala ukushintshisana ngemali nokushaya. Siyakweshwama nokuthi kunothisha ababoleka kumfundi imali. Lesi simo sifuna ukunqandwa,” kuphawula uMahlambi.