Usazohlala esitokisini uPastor Mboro onqatshelwe ibheyili
Liyah Mseleku
UPastor Paseka Motsoeneng, odume ngoMbhoro usazohlala ezitokisini njengoba iNkantolo yeMantshi yasePalm Ridge eGoli, imnqabelile ibheyili nonogada wakhe uClement Baloyi.
Indodana yakhe ikwazile ukuphuma ngesexwayiso.
Uyoze abuyele enkantolo ngomhla ka-21 Okthoba.
UMbhoro noBaloyi babhene noxhaxha lwamacala okubalwa ukuthumba, ukutholakala nesikhali esiyingozi, ukuqhumisa isibhamu emphakathi nokukhomba.
Isicelo sabo sebheyili bekungesohlelo lwesihlanu lwamacala.
UMboro ubengaqali ukuvela kule nkantolo njengoba evelile emasontweni amabili edlule.
IPurpose yabika ukuthi amaphoyisa afika ngemoto enkulu inyala esiqaphe ngeso lokhozi isimo kwazise ngayizolo umphakathi nezingane zesikole zazivuke umbhejazane zayoshisa zangqongqisa isonto likaMboro i-Incredible Happenings.
Ukushiswa kwelanywe ukubonakala kwakhe ezinkundleni zokuxhumana ephethe ucelemba esikoleni.
UPastor Mbhoro ubengaqali ukukhiphela abantu ucelemba.
Lokhu kuvezwe uKgadi Hlalele ongu-auntie wezingane ezilandwe ngoshova uMbhoro nabanye abesilisa esikoleni iMatshidiso Primary eGoli ngoMsombuluko.
Wayekhuluma nabezindaba ngaphandle kwePalm Ridge Magistrate Court lapho uMboro nabanye abasolwa bebevele khona.
UHlalele waveza ukuthi nguye ohlala nalezi zingane ezimbili njengoba zashonelwa unina ngo April kulo nyaka.
“Lo msindo uqale ngoLwesine mhla ka-1 August ngesikhathi indodana kaMbhoro ithatha izingane esikoleni. Ngakusasa aziyanga esikoleni sase siya kwaMboro namaphoyisa. Ufike wasikhiphela ucelemba wasisabisa phambi kwamaphoyisa. UMboro uyindlavini futhi unguphuma silwe akaboniseki. Ngokwami akumfanele ukuthi anikwe ibheyili. Seside isikhathi egila le mikhuba ingakho kumele umthetho udlale indima yawo”