Izindaba

Libuyeka enkantolo iphoyisa elisolwa ngokudlwengula epolice station

LIBUYELA enkantolo ngomhla ka-11 Okthoba icala elibhekene nephoyisa elisolwa ngokudlwengula owesifazane (26).

Inkantolo yeMantshi ePietermaritzburg inike ibheyili ka-R5 000 leli phoyisa elaboshwa Independent Police Investigative Directorate (Ipid).

Isisulu sazithola sesinukubezwa kade siyofuna usizo lwe-affidavit ngomhla ka-15 Agasti ePietermaritzburg police station.

Okhulumela i-Ipid uPhaladi Shuping uthi isisulu sazithela kuleli phoyisa ligqoke umfaniswano futhi lisemsebenzini.

“Iphoyisa lacela ukusiza umgilwa wamcela ukuthi amlandele baye ehhovisi lakhe. Umsolwa wabe esecela umgilwa ukuthi akamlinde usayothatha i-affidavit. Wabuya wagcwalisa iphepha wase ezidlisa satshanana kumgilwa. Umgilwa wakhombisa ukungahambisani nesenzo sephoyisa. Nokho iphoyisa labe selivala isicabha, lakhipha isibhamu somsebenzi sasibeka phezu kwetafula lase lizitika lidlwengula umgilwa,” usho kanje.

UShuping uqhube ngokuthi umgilwa wabikela umndeni wakhe wangapholisa maseko wayovula icala lokudlwengula eMountain Rise police station.

I-Ipid yabe isihlala izithonto iphenya udaba yagcina imbophile umsolwa.

Kwenzeka lokhu nje izikhamizi zaseNingizimu Africa ziphelelwa ukwethemba amaphoyisa kulandela ukuzibandakanya kwawo ezenzweni zobugebengu.

NgoMsombuluko iPurpose ibike ngokudutsulwa kubulawe iphoyisa elisolakala ukuthi belihlangene nezigebengu ezibambe isitolo eRichmond kuhlonyiwe.

Kuphinde kwaboshwa elinye esibhedlela okusolakala ukuthi belikhona nalo kuqhutshwa lobu bugebengu.

Related Articles

Back to top button