
Sihle Mkhize
Uqale unyaka eshayela phezulu uMnuz Siya Qamba ogixabezwe ngesikhundla sokuba yiRegional Manager eGauteng East Region.
Zikhwela kuQamba nje unerekhodi elihle lokudayisa izimoto ezingu-12 000 eminyakeni engaphezulu kwa-16 enkampanini iHyundai Automotive South Africa.
Isikhulu esiphezulu kwaHyundai uMnuz Stanley Anderson sithe ukukhushulelwa esikhundleni esiphezulu kwaQamba kuze nemiphumela emihle, kuvezile futhi ukuthi umuntu uyasuka phansi akhwele kwelenyoni.
“Udaba lukaSiya lukhombisa ukungawulahli umgqigqo, ukusebenza kanzima nokuzibophezela egameni lakwaHyundai eSouth Africa”
“Kumfanele ukukhushulelwa kwakhe phezulu futhi kuzogqugquzela abaningi ngaphakathi enkampanini. Singumndeni wakwaHyundai siyambongela kakhulu,” kusho u-Anderson.

Phambili uQamba ubesebenza njenge Dealer Principal kwaHyundai eBoksburg.
Njengamanje uphethe izindawo eziyisishagalombili nezinabasebenzi abangu-349.
“Ngitusa kakhulu abaholi nalabo abangethenba bangicathulisa banginika ithuba lokukhula. Ukudayisa kusegazini kimi. Ayikho into engijabulisa njengokubona umthengi egculisekile”
“Lo msebenzi omusha enginikwe wona ngizowuphathisa okwezikhali zamaNtungwa,” kugoqa uQamba ngamafuphi.



