
Kuqothwe ngenhlamvu abanye abasolwa eNanda
Liyah Mseleku
Sesiphinde sakhala isibhamu kwahamba imphefumulo emibili esifundazweni sakwaZulu-Natal.
Kulesi sigameko bekugagaziswana ngenhlamvu amaphoyisa nabasolwa ababili.
Laba solwa babulawe eNanda e-Amaoti kanti bebefunwa uthuli ngamacala okubulala namanye amacala anzima. Amanye kuthiwa bawenze kulo leli sonto.
Umsolwa usale enkundleni kuyo lendawo ngoLwesithathu ntambama, kutholwe izibhamu ezimbili.
Kwenzeka lesi sigameko nje ekuseni iPurpose ibike ngokuyiswa kwagoqanyawo umsolwa obesatshiswa okwenyoka nobefunelwa amacala okubamba inkunzi izimoto zemali nokuqotha abantu ngenhlamvu.
Amaphoyisa asesifundazweni iKwaZulu-Natal avumile ukuthi adubule abulala lo msolwa oneminyaka engu-49 ubudala.
Lo msolwa ubecashe eLadysmith ngezikhathi zasekuseni.
Ngokusho kwe-eNCA lokhu kuza emuva kokudutshulwa kwesisebenzi kuMasipala.
Ufa nje umsolwa kuthiwa uye ovulele ngenhlamvu kuqala ngesikhathi amaphoyisa emcela ukuthi akame eceleni.
Ugcine eshayisa imoto abehamba ngayo njengoba ubesebaleka, akulimalanga phoyisa, kube sekutholakala isibhamu endaweni yesigameko.
Khonamanjalo, amaphoyisa aseKZN adubule abulala abasolwa ababili ebefunwa uthuli ngoMsombuluko ekuseni.
Lesi sigameko senzeke ezintatha zangoMsombuluko eMargate ogwini oluseNingizimu neKZN.
Abasolwa abayiswe kwagoqanyawo uMnuz Mlondi Zithumane, ongusomatekisi aphinde abe ngumnikazi wenkampani iGasela Protection Services, nonogada abenaye.
Lezi zindaba ziqinisekiswe umfowabo kaZithumane uBanele.
Umndeni uthi awukholwa okushowo amaphoyisa Ufisa ingalo yomthetho ingenelele.
Ngokusho kokhulumela amaphoyisa eKZN, uCaptain Ntathu Ndlovu, abasolwa ababili balimele kabi ngesikhathi behlanganyela namaphoyisa esigamekweni sokudubulana esenzeke e-Uvongo eMargate.
Kutholwe izibhamu ezinhlanu ezingekho emthethweni okubalwa kuzo nezibhamu ezimbili zohlobo lwe-AK-47. Amaphoyisa abesebenza ngokobunhloli ngabantu abebephethe izibhamu ezingekho emthethweni.



