Izindaba

Babhadanywe neziqhumane abaseZim

Morgan Ngwazi

Abasagcini nje kuphela ngokungena ngokungemthetho abantu abavela eZimbabwe kodwa abanye babo sebeshushumbisa neziqhumane kuleli.

Lokhu kuhlaluke ngesikhathi ithimba elisebenzisana nezomthetho i-1 South African Tank Regiment Thwarts Cross-Boarder Explosives Smuggling lenza umsebenzi walo eBeitbridge Point of Entry.

Amalungu e-1 South African Tank Regiment, ngaphansi kobuholi beJoint Tactical Headquarters eLimpopo, abezihambela egade umngcele ezulazula ngezikhathi ezithela kulaba solwa abathathu.

Bekuse Musina lapho iziphathimandla  zibone abantu abangaziwa behla ebhulohweni elidala (Beitbridge Point of Entry) besuka eZimbabwe bengena eNingizimu Africa.

Ngokubona amalunga eSouth African National Defence Force, abasolwa balahle phansi izikhwama zabo bathi galo yephuka bangena emahlathini aseduze babuyele eZimbabwe.

Ngemuva kokusesha izikhwama ebezilahliwe, iSouth African Police Service Bomb Disposal ihlonze iziqhumane zeSuperpower 90 zenani lika-R82 300-00.

Lezi ziqhumane zinikezelwe esiteshini samaphoyisa eMusina.

UColonel Dikgabane Herold Tladi, oyiCommanding Joint Tactical eHeadquarters eLimpopo, uncome amalungu ngomsebenzi oncomekayo.

Related Articles

Back to top button