
Utholwe esebanda umshayeli we-Ehailing obedukile
Morgan Ngwazi
Utholwe eseshonile umshayeli we-E-Hailing, uMuzaffar Saib, okubikwa ukuthi ulahlekile ngemuva kokungabuyi ekhaya.
USaib obehlala eWhetstone, ePhoenix, eThekwini, ugcine ukubonakala ngezithuba zabo-21:00 pm ebusuku ngoMsombuluko ekubo kwentombi yakhe e-Eastbury.
Kuthiwa ube esazisa intombi yakhe ukuthi ukhathele futhi akananhloso yokubuyela ekhaya.
Ngempela akazange afike. Ngemuva kwalokho kutholakale ukuthi umakhalekhukhwini wakhe uvaliwe, nemizamo yokumthinta ayizange iphumelele.
Emuva kophenyo olufishane kuboshwe abasolwa abane ngamalungu e-Phoenix SAPS eKZN.
Abasolwa bakhombise amaphoyisa lapho belahle khona isidumbu sikaSaib, endaweni eyihlathi phakathi nomgwaqo iRydalvale Grounds eRydalvale.
Abezimo eziphuthumayo bakwaReaction Unit South Africa (RUSA) banikele endaweni yesigameko bathola ukuthi uSaib kudala ashona.
Kuthe uma ehlolwa kwaqinisekiswa ukuthi ubenamanxeba okugwazwa.
Imoto yohlobo lweDatsun Go yakhe esiliva, abeyishayela ngobusuku anyamalala ngabo, itholwe komunye wabasolwa.



