Izindaba

Olwamanqamu kwiNFP noMbali Shinga

Morgan Ngwazi

Kubhekwe ngabomvu isithangami sabezindaba ngoLwesihlanu mayelana ngodaba oluthinta iqembu i-National Freedom Party (NFP) noSihlalo wesifundazwe uMbali Shinga.

UMengameli weqembu u-Irvin Barnes udalule ukuthi njengeqembu leNFP bathathe isinqumo sokuhoxa kuhulumeni wobumbano KwaZulu-Natal nowaziwa kakhulu ngeGovernment of Provincial Unity).

Leli qembu likwenze lokhu kungazelele muntu.

Lokhu kungase kunikeze isixazululo esimweni esintekenteke sezepolitiki esifundazweni.

Emhlanganweni oyisipesheli weNational Executive Committee (NEC) yangomhla ka-5 kuJanuary, leli qembu linqume ukuphuma kumfelandawonye wamaqembu amaningi ahlanganisa iNkatha Freedom Party (IFP), African National Congress (ANC), Democratic Alliance (DA) ne-EFF.

Encwadini ebhalelwe yena yedwa  esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uMbali Shinga abe nguNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi, i-NEC iyalele ukuthi asule kuzo zombili izikhundla zakhe ngo-9h00 ekuseni ngoLwesine, ngomhla ka-8 January.

Ezincwadini zayo, i-NEC ithe lesi sinqumo sibonisa “amandla anikezwe umthethosisekelo we-NFP” futhi yagcizelela nesidingo sokuhlonipha ukuziphatha kahle kweqembu, ubumbano nokuqondiswa kwamasu.

Isikhundla sikaShinga sesibe yisizinda sengxabano yangaphakathi kuleli qembu.

Usolwa ngokudelela imiyalelo yeqembu ngesikhathi kunevoti lokungabethembi ubuholi bukaNdunankulu uThamsanqa Ntuli esasifakwe yiMKP, sesekwa nayi EFF.

I-NFP yayeseka lesi siphakamiso kodwa uShinga omele leli qembu, wavota ngokuphikisana nalo.

Ukungahloniphi kwakhe kube nomthelela ekubhuntsheni kwesiphakamiso, wabe esemiswa kusalindwe inqubo yokuqondiswa ubugwegwe.

Ukuhoxa kwe-NFP kususa ivoti elibalulekile eligcine iningi elincane le-GPU esishayamthetho esinezihlalo ezingama-80 futhi okungasheshisa ukuhlehla kwezepolitiki esifundazweni.

Imizamo yokuthola uShinga ukuze aphawule ayiphumelelanga ngesikhathi sokushicilela.

Related Articles

Back to top button