
Sinyuka mawala isibalo sabaqothwa amaphoyisa
Morgan Ngwazi
Kudutshulwe kwabulawa abasolwa abahlanu abebefunwa uthuli.
Bebefunelwa amacala okubalwa okubulala, elokuzama ukubulala, nokugebenga izindlu.
Batholanale phezulu ngesikhathi bedubulana namaphoyisa kwaBester, Area 10, eNanda ngoLwesine.
Kuthiwa abasolwa bebeshiya kukhalwa eNanda namaphethelo.
Kuthiwa ekupheleni kukaNovemba 2025, abasolwa bazama ukubulala amaphoyisa ngokuwadubula behluleka
Kusukela ngaleso sikhathi abasolwa babaleka endaweni bacasha.
NgoLwesine ekuseni amaphoyisa athole imininingwane yokuthi bakuphi kanti uphiko lwezobunhloli lwase lusebenza.
Ngesikhathi amaphoyisa efika endaweni yesigameko, abasolwa badubule bebhekise emaphoyiseni besebenzisa intuba yomnyango.
Ukuzivikela kanye nabaseduze nomuzi, amaphoyisa aphindisele ngenhlamvu kwathi ngesikhathi sokudubulana kwadutshulwa abasolwa abahlanu bafa.
Kutholwe izibhamu ezine kanti kusazoseshwa kahle endlini. Alikho iphoyisa elilimale ngesikhathi sokudubulana.
Kudutshulwa laba solwa nje bekungakapholi maseko kudutshulwe kwabulawa abanye abasolwa ababili eNanda.
Kulesi sigameko bekugagaziswana ngenhlamvu amaphoyisa nabasolwa ababili.
Laba solwa babulawe eNanda, e-Amaoti, kanti bebefunwa uthuli ngamacala okubulala namanye amacala anzima. Amanye kuthiwa bawenze kulo leli sonto.
Umsolwa usale enkundleni kuyo lendawo ngoLwesithathu ntambama, kutholwe izibhamu ezimbili.
Kwenzeka lesi sigameko nje iPurpose ibisanda kubika ngokuyiswa kwagoqanyawo komsolwa obesatshiswa okwenyoka nobefunelwa amacala okubamba inkunzi izimoto zemali nokuqotha abantu ngenhlamvu.
Amaphoyisa asesifundazweni iKwaZulu-Natal avumile ukuthi adubule abulala lo msolwa oneminyaka engu-49 ubudala.
Lo msolwa ubecashe eLadysmith ngezikhathi zasekuseni.
Lokhu kuze emuva kokudutshulwa kwesisebenzi kuMasipala.
Ufa nje umsolwa kuthiwa uye ovulele ngenhlamvu kuqala ngesikhathi amaphoyisa emcela ukuthi akame eceleni.
Ugcine eshayisa imoto abehamba ngayo njengoba ubesebaleka, akulimalanga phoyisa, kube sekutholakala isibhamu endaweni yesigameko.
Khonamanjalo, amaphoyisa aseKZN adubule abulala abasolwa ababili ebefunwa uthuli ngoMsombuluko ekuseni.
Lesi sigameko senzeke ezintatha zangoMsombuluko eMargate ogwini oluseNingizimu neKZN.
Abasolwa abayiswe kwagoqanyawo uMnuz Mlondi Zithumane, ongusomatekisi aphinde abe ngumnikazi wenkampani iGasela Protection Services, nonogada abenaye.



