Izindaba

Usazoqhubeka la egcine khona uMkhwanazi eKZN

Morgan Ngwazi

UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uThamsanqa Ntuli, uvumele phezulu ukuvuselelwa kwenkontileka kaKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant-General Nhlanhla Mkhwanazi, ihlandla lesibili.

Lokhu kulandela umhlangano noKhomishana wamaPhoyisa aseNingizimu Afrika, uGeneral Fannie Masemola.

Lo mhlangano ubugxile ezingxoxweni ezimayelana nekusasa likaLieutenant-General Mkhwanazi, okuzophela inkontileka yakhe ngoMarch 2026.

Ngesikhathi sokuxoxisana, uNdunankulu uNtuli uzwakalise ukubethemba ubuholi, ubungcweti, okukhonjiswe nguLieutenant-General Mkhwanazi kuso sonke lesi sikhathi njengoKhomishana wesifundazwe.

UNdunankulu ukugcizelele ukuthi ubuholi obusebenzayo nobuzinzile ngaphakathi kwa-SAPS buhlala bubalulekile ekuvikelekeni, uzinzo, kanye nokuthuthukiswa komnotho wesifundazwe saKwaZulu-Natal.

Ikakhulukazi uma kubhekwa izinselelo zobugebengu eziqhubekayo.

Ngokwesigaba 207(3) soMthethosisekelo waseNingizimu Afrika, 1996, uKhomishana kazwelonke ngokuvumelana nesigungu esiphezulu sesifundazwe (uNdunankulu), uba namandla okuqoke uKhomishana wesifundazwe.

UNdunankulu uNtuli uphinde wagcizelela ukubaluleka kokuqhubeka ebuholini, ikakhulukazi ngesikhathi lapho kudingeka imizamo ukuze kuqhutshekwe nokulwa nobugebengu.

Uphinde wagcizelela ukuthi ukuziphatha kahle kukaLieutenant-General Mkhwanazi emsebenzini, nokuzibophezela ekwenzeni umsebenzi wamaphoyisa kumdlise ubhedu.

UNdunankulu uphinde waqinisekisa ukuthi uhulumeni wesifundazwe uyakweseka ngokugcwele ukuvuselelwa kwenkontileka kaLieutenant-General Mkhwanazi kanye nokuzibophezela kwakhe.

UNdunankulu uphawule ukuthi lezi zinyathelo zokungenelela zibe negalelo elikhulu ekubuyiseleni ukwethenjwa komphakathi ekugcinweni nasekuqiniseni komthetho.

Ikakhulukazi emiphakathini ekhahlanyezwe kakhulu ubugebengu.

“Iqhaza likaKhomishana libe semqoka kakhulu ekubhekaneni nezinga eliphezulu lobugebengu KwaZulu-Natal, okuhlanganisa ukubulawa kwezepolitiki kanye nokuqolwa kwabantu,” kusho uNdunankulu uNtuli.

“Bengilokhu ngisamile ekutheni asikho isizathu sokuthi ngingaphakamisi iphoyisa elisezingeni likaLieutenant-General Nhlanhla Mkhwanazi ukuthi liqhubeke nomsebenzi eliwenzayo.”

Related Articles

Back to top button