
DJ Bongz ’emlilweni’ webhizinisi lendawo yobumnandi
Sane Mseleku
Akukapheli ngisho izinyanga ezimbili uDJ Bongz ememezele ukuthi uthenge indawo yobumnandi iViewz Urban Grill neRooftop eThekwini, kodwa uselandelwa izinkinga.
Ukungakhokhelwa kwabasebenzi, ukuntshontsha kanye nokungasebenzi kahle kwenkampani yakhe kugcwele kwizinkundla zokuxhumana.
“Uma uzalwe umbethe, unogcobo awuphumuli, noma ungenzani, abantu bayohlezi bekuhlupha ngezindlela ezininngi,” Bongz usho lokhu kwivideo ayifake ku-Instagram ngoLwesibili.
“Uyazama ukusebenza nabantu, kodwa bakuhlunge ebantwini abaningi ngoba unegama. Ungavuka namhlanje ucabange ukuthi wenze kahle kodwa ngakusasa abantu bekhuluma okunye, ngoba unogcobo,” kusho uBongz.
Muva nje uBongz, igamalakhe langempela uBongani Dlamini-Ngcobo, ukhiphe isitatimende esho izinkinga abahlangabezana nazo ngaphakathi kwibhizinisi ezenziwa ukungaziphathi kahle kwabanye abasebenzi abasezikhundleni.
“Ezinyangeni ezimbili kutholakale ukuthi abanye abasebenzi bantshontshe istokwe kanye nemali bephindelela. Lezi zenzo zilimaze kakhulu ezezimali ebhizinisini. Amacala obugebengu avuliwe, udaba lusezandleni zomthetho,” kubhalwe esitatimendeni.
Siphinde saqinisekisile ukuthi kubekhona ukubambezeleka kwemiholo isikhashana, inkampani yalile ukuthi ibiziba izinkinga.
“Ukuntshontshwa kwemali, kudale izinkinga ezinkulu kwezezimali ebhizinisini. Kulesisikhathi, kuphoqeleke ukuthi abaphathi bafake izimali zabo ukuze kukhokheleke abasebenzi.
“Okuphathelene neMenenja entshontshe umakhalekhukhwini womsebenzi, ithi iyaziholela yona akuvumelekile futhi ukungawuhloniphi umsebenzi, lolo daba lusaphenywa. Ukuntshontshela inkampani akuvumelekile noma ngabe yingaphansi kwasiphi isimo. Okokugcina, iViews nightclub isavuliwe.” kuphetha isitatimende.



