Izindaba

Kudliwe umuzi womdeni obusemaholidini

Sane Mseleku

Ukudliwa kwamabhilidi nemizi engenabantu sekuphendule osomathuba ebugebengwini ukuwaka abantu abahluphekile.

Lokhu kufakazelwa isigameko sakamuva eBryanston, enhla neGoli lapho umnikazi womuzi efike umuzi wakhe usuphenduke indawo yeziqashi.

NgoLwesine izikhulu zedolobha laseGoli zigasele kulo muzi okukholakala ukuthi “udliwe”.

Abanikazi babuye eholidini bathola umuzi wabo uhleli abantu abangabazi ngokungemthetho, usuphenduke umjondolo.

Ngesikhathi sokugasela abezomthetho, kutholakale izibhamu ezimbili kanye nezimoto.

IMenenja yedolobha laseGoli uFloyd Brinks uthe:

“Iyishumi nesikhombisa imizi esesiqalile ukuyiphenya kuwadi 102 no-104. Kulamasonto alandelayo sizobe singenakho ukubekezelelana edolobheni laseGoli, lokhu sikwenziswa ukuvikela idolobha kanye nezezimali.”

Khonamanjalo, umsolwa okukholakala ukuthi uyena ohamba phambili kulobu bugebengu uboshiwe.

Idolobha likwazile ukukhipha ugesi wezinyokanyoka kanye namanzi omgunyathi.

ICity Power Chief Operating Officer, uCharles Tlouane, uthe isikweletu sikagesi salomuzi ontshontshiwe siphakathi kwa- R1.2 million.

“Siyazi ukuthi khona izinto ezamiswa phambilini, kodwa laba abathathe umuzi bangene ohlwini lwethu ngokungemthetho bangena babuyisela konke, bakusebenzisa. Kodwa konke lokho sokukhuluma ngasese nabanikazi bomuzi uma befika, sibone lolu daba silulungisa kanjani,” kubika uFloyd.

Related Articles

Back to top button