Ezokungcebeleka

Uzoshintsha izimpilo zabampofu olibhada u-783 KM

Morgan Ngwazi

Uwuqale unyaka eshaya phansi ngezinyawo esuka eGoli elibhekise e-Eastern Cape, eKhowa, uLuyanda Philiso oneminyaka engu-32 ubudala.

Uthi inhloso enkulu ngalolu hambo ukuqwashisa intsha ngezidakamizwa kanye nokugqugquzela ukuba yibe yingxenye ezinhlelweni zezemidlalo.

Lolu hambo waliqala mhla ka-1 January njengoba liyibanga elingu-783 km kulindeleke ukuthi aliphothule emasontweni amabili.

Lensizwa eyaziwa kakhulu ezinkundleni zokuxhumana ngo-EMKEY yafunda amabanga aphansi eVusukhanyo Primary, e-Eastern Cape, yabe isithuthela eGoli inephupho lokusiza intsha ukuba igxile kakhulu emakhonweni enayo.

UPhiliso uthi unethemba lokuthi intsha izokwazi ukuziphilisa ngamakhono njengoba naye eziphilisa ngalokho ezinkundleni zokuxhumana aphinde ehlele ezemidlalo emphakathini.

Uthi izinselelo abhekane nazo ubuhlungu bezinyawo kanye nendawo yokufihla ikhanda nosizo lwezokwelashwa.

Ngosuku uhamba cishe amakhilomitha angu-56 kuya ku-60 ehambe ephumula aphinde aqhubeke nohambo lwakhe.

Unesifiso sokuthola uxhaso lwemoto, imishini, okuhlanganisa amakhamera, monitores nezinye izinsizakusebenza zase studio.

Kumanje uphethe umgodlagodla wesikhwama okukhona kuso izinto ezimsizayo endleleni okubalwa ijakhethi efudumalayo, umbrella, sleeping bag nokunye.

Kulabo abafisa ukuphonsa itshe esivivaneni bangakwazi ukuphonsa ebhange lakhe iNedbank, account number 1332537251.

Le nsizwa njengoba iziphilisa ngemisebenzi yasezinkundleni zokuxhumana icela ukwesekwa ukuze ihlanganise abalandeli abangu-100 000 kuTikTok, Facebook kanjalo naku You Tube.

“Noma ngabe awukwazi ukuxhasa ngemali kodwa ukusixhasa ngokusilandela ezinkundleni zokuxhumana lokho ngabe kusho lukhulu,” usho kanje.

Related Articles

Back to top button