Izindaba

Sibanjwe uR60 000 ‘isitabane’ esiqoma ezinkundleni zomjolo 

Amaphoyisa aseMlazi asebophe abasolwa abayisithupha ngecala lokuthumba, emuva kophenyo oluthathe isikhathi eside olumayelana nezigebengu eziphuma iqhulu nalabo abathandana nabulili obubodwa.

Lezi zigilamkhuba zicutha ezinkundleni zokuthola uthando zigebhele labo abaswele amadoda.

Umgilwa uveze ukuthi ngomhla ka-3 January kulo nyaka uvakashele ‘isoka’ lakhe abatholane nalo kule nkundla yezothando eMlaza esigcemeni kwaN.

Kuthiwa umgilwa uthe uma efika endlini ubeselindwe izinsizwa ezine, zamdumela zambopha izandla nezinyawo ngocingo.

Izigilamkhuba zibe sezi funa ngodli ipin yebank app yakhe zashaqa imali engu-R60 000, zathatha nomakhalekhukhwini wakhe.

Baqede lokho bamgumulisa wabanqunu, bamshutha benza amavideo amehlisa isithunzi.

Lezi zigebengu zisabise umgilwa ngokuthi uma engatshela amaphoyisa bazonekele izwe ama video ezinkundleni zokuxhumana.

Bese ziqamba amanga zithi ubezohlangana nengane eneminyaka engaphansi.

Abasolwa baqede lapho bamtholela imoto umgilwa, wafika ekhaya waphuthunyiswa esibhedlela ngaphambi kokuthi ayovula icala.

Lusaqhubeka uphenyo ngoba akhona amanye amacala afanayo okungenzeka bayathinteka kuwona.

EzaseMlazi News 

Related Articles

Back to top button