EzokungcebelekaIzindaba

Kuzoshikisha ufudu kwiBig Brother kubangwa u-2 million

Sane Mseleku

Lubuye nesasa uhlelo lakuthelevishini noluthandwa kakhulu iBig Brother Mzansi, isibuya ihlandla lesithupha kulo nyaka.

Lolu hlelo olushisa izikhotha, ludlala zonke izinsuku kuChannel-198 kwiDstv kanti isicoco esiconsisa amathe nesibhekiwe singango-2 million.

Ngonyaka odlule isicoco sakhala semuka nomfana omncane waKwaZulu-Natal, uSweet Guluva, owazakhela ugazi ngokuba uyena ngaleso sikhathi wayezishayelela amatekisi.

Kulo nyaka abalandeli balinde ngamehlo abomvu ukubona ozodla umhlanganiso. Uhlelo luqale ngeSonto ngomhla ka-11 January 2026 ngo-6 ntambama kanti luzodlala izinyanga ezintathu.

Kulo nyaka bathanda ukuba baningana abavela eKZN, kukhona nowomdabu waseNdiya u-Ashay ongene ngokudansa kwachwaza izihlwele, kube u-Ilano waseNanda odume kakhulu kuTik Tok.

Namakhaladi athanda ukuba maningi kulo nyaka, okwenza ababukeli balulangazelele loluhlelo. Bakhona asebezakhele ugazi zisuka nje, okubalwa kubo uNeliswa.

Uthe engena endlini wabe eqonda efrijini wathatha iziphuzo, yena useke waya eCongo wadla nezinyawo zamaselesele, kanye noMashel oseke naye waya emazweni angaphandle wafike wadla isobho leminenke.

UThandeka naye waseKZN usebuya e-Italy iminyaka eyisishagalombili. UDene omunye ongene ezimisele waze wacishe wawa, kuyacaca ukuthi ubejabule kakhulu.

UThandeka uwile esteji efika kusolakala khona ukuthi ubegajwe yinjabulo yaze yameqa.

Ingqephu ibibuzwa kubona befika, abalandeli baluthakasele kakhulu lolu hlelo bayazibuza ukuthi iyozala nkomoni.

Related Articles

Back to top button