Izindaba

Ilindwe amacala isesibhedlela intombi emuhluzwe uBen 10

Sane Mseleku

Ligaya ngomunye umhlathi esigamekweni esishaqise abaningi ezinkundleni zokuxhumana, ngowesifazane obike ukuhlukunyezwa indoda yakhe kodwa amaphoyisa engathathi zinyathelo.

Ezakamuva zithi umgilwa oneminyaka engu-31 ubudala osesibhedlela kumanje kulindeleke ukuthi uma ephuma naye abhekane namacala. Phakathi kwamacala azobhekana nawo kubalwa elokulimaza impahla nelokushaya.

NgoMsombuluko ekuseni abantu abaningi bavuke ngezindaba zamgilwa ekhala ngokushawa yisoka kodwa amaphoyisa engalusukumeli udaba lwakhe.

Emuva kokuthi kuvele lolu daba ezinkundleni zokuxhumana, abakwasidlodlo balusukumele ngokushesha kwaboshwa umsolwa nokulindeleke ukuthi avele enkantolo kungekudala.

Lesi sigameko senzeke eMlaza esigcemeni sakwa-V ngomhla ka-9 January. Ngokombiko wamaphoyisa umsolwa oneminyaka-24 ubudala wafonela umgilwa ukuthi akafike ezolanda izimpahla zakhe njengoba bese bengasambathi ngubo yinye.

Uthe mefika nje owesifazane umsolwa wamnenebula ngepayipi wamuluma ngamazinyo waqhubeka nokumtalabha umzimba wonke. Umgilwa ukwazile ukuphunyuka wabaleka wayongena emotweni kodwa umsolwa umlandelile walimaza imoto yowesifazane.

Amaphoyisa aphinde aveza ukuthi umgilwa usesibhedlela nje, unamanxeba okusha awathole ngesikhathi eshisa imoto yesoka lakhe.

Kubikwa ukuthi lezi zithandani zijwayele ukuvulelana amacala, kodwa bekungewona okuhlukumezana ngokobulili.

Amaphoyisa agqugquzela izithandani ukuthi zizame ukulungisa izinkinga zabo ngokuthula noma zicele ezibathembayo ukuthi bangenelele bangaze bafike ekuhlukumezaneni.

Related Articles

Back to top button