Izindaba

Kudutshulwe osomatekisi abehlise umndeni uphuthuma esibhedlela

Sane Mseleku

Osomatekisi ababili badutshulwe babulawa emuva kokuzama ukuvimba owesilisa ukuthi agibelise abazali emotweni yakhe.

Ngokusho komthombo umlisa uthathe abazali bakhe nodadewabo emuva kokuba bemcelile ukuthi abayise kwadokotela ngoba ubegula.

Ngesikhathi ebangenisa emotweni ubonwe osomatekisi ababili, bangapholisa maseko bamhubha bamvimba nemoto yakhe.

Kubekhona isixakaxaka, bephendulana ngamagama, osomatekisi bembuza ukuthi ubalayishelani abantu bamphoqa ukuba abehlise bagibele itekisi.

Ube esechaza lo wesilisa ukuthi laba ngabazali bakhe, bayagula futhi abanayo imali yokukhokhela amatekisi.

Nokho osomatekisi abazange bamulalele badaza inkani baqhubeka bamlwisa.

Impi yamazwi iqhubekile kwaze kwafika lapho omunye wosomatekisi athathe itshe elikhulu waphazaza iwindi lemoto.

Uthukuthele wagana unwabu umshayeli wemoto wadonsa isibhamu wabadubula bobabili bafela endaweni yesigameko.

Umsolwa okubikwa ukuthi ubegqoke izingubo ezimnyama ubalekile endaweni yesigameko. Amaphoyisa asaphenya.

Related Articles

Back to top button