
Sihle Mkhize
Likhula ngesivinini ibhizinisi elihlenga abantu ngezifo ezahlukahlukene iBracemed Pharmacy.
Abantu abakhele izindawo ezahlukene ekubalwa iNkobongo, Groutville, Tete, Shakashead nezinye babuthelana enxanxatheleni yezitolo iMagwaza lapho kukhona khona lekhemisi.
Usokhemisi uSinothando Tysleboi ekhuluma nePurpose uthe uqale ukusebenza kule ndawo ngonyaka odlule ngo July.

Uthi umsebenzi wakhe omkhulu ukubhekana neziguli eziphethe izincwadi eziqhamuka kodokotela nasemtholampilo ehlukene.
“Kumele ngiqinisekise ukuthi izincwadi ezifika neziguli zisemthethweni yini, kanjalo nemithi, ngiphinde nginike isikalo esifanele nesikhathi esifanele sokusetshenziswa kwemishanguzo bayasizakala. Okwesiguli nje, ukufika nekhadi lase mtholampilo nomazisi bese enikwa imithi yakhe ngokushesha. Kuphinde kufundiswe nomama abakhulelwe abanezifo ezithile ngokubaluleka kokudla imishanguza njalo,” kusho uTysleboi
Bafundiswa ukubaluleka kokudla umshanguzo futhi basheshe babone nobongozi uma kwenzeka. Nabanenkinga yamathambo nabo bayasizakala.
UNomfundo Gebashe ongumsebenzi kuleli khemisi noseneminyaka engu-17 kulo mkhakha uthi bagadla kakhulu ngemithi yeSintu.

”Imithi yakwaNdlovu, iziwasho, amavimbela, namafutha ezilwane ezinhlobonhlobo okubalwa ingwenya, inhlwathi, imvubu nezinye idayiswa okwamagwinya ashisayo.”
‘Bonke abantu abanama medical aid bayasizakala, nalaba abazothatha imishanguzo yasemtholampilo kahulumeni bayasizakala. Sikwazile ukwakha ubudlelwane nodokotela abazimele nemitholampilo,” kulandisa uNomfundo Gebashe.

Labo abadinga usizo ngokushesha mabavakashele eShop 9, Magwaza Mall, Old Main Road, Shakaskraal, 4430. bayatholakala nakule nombolo +27 32 061 0073 / WhatsApp 081 844 3716



