
Amaphoyisa aqede ngempilo yobefunelwa abucayi
Philasande Luthuli
Uyiswe kwagoqanyawo umsolwa obesatshiswa okwenyoka nobefunelwa amacala okubamba inkunzi izimoto zemali nokuqotha abantu ngenhlamvu.
Amaphoyisa asesifundazweni iKwaZulu-Natal avumile ukuthi adubule abulala lo msolwa oneminyaka engu-49 ubudala.
Lo msolwa ubecashe eLadysmith ngezikhathi zasekuseni.
Ngokusho kwe-eNCA lokhu kuza emuva kokudutshulwa kwesisebenzi kuMasipala.
Ufa nje umsolwa kuthiwa uye ovulele ngenhlamvu kuqala ngesikhathi amaphoyisa emcela ukuthi akame eceleni.
Ugcine eshayisa imoto abehamba ngayo njengoba ubesebaleka, akulimalanga phoyisa, kube sekutholakala isibhamu endaweni yesigameko.
Khonamanjalo, amaphoyisa aseKZN adubule abulala abasolwa ababili ebefunwa uthuli ngoMsombuluko ekuseni.
Lesi sigameko senzeke ezintatha zangoMsombuluko eMargate ogwini oluseNingizimu neKZN.
Abasolwa abayiswe kwagoqanyawo uMnuz Mlondi Zithumane, ongusomatekisi aphinde abe ngumnikazi wenkampani iGasela Protection Services, nonogada abenaye.
Lezi zindaba ziqinisekiswe umfowabo kaZithumane uBanele.
Umndeni uthi awukholwa okushowo amaphoyisa Ufisa ingalo yomthetho ingenelele.
Ngokusho kokhulumela amaphoyisa eKZN, uCaptain Ntathu Ndlovu, abasolwa ababili balimele kabi ngesikhathi behlanganyela namaphoyisa esigamekweni sokudubulana esenzeke e-Uvongo eMargate.
Kutholwe izibhamu ezinhlanu ezingekho emthethweni okubalwa kuzo nezibhamu ezimbili zohlobo lwe-AK-47. Amaphoyisa abesebenza ngokobunhloli ngabantu abebephethe izibhamu ezingekho emthethweni.
Amaphoyisa asondele emzini obekuhloswe kuwo amemezela ukuthi zikhona kodwa kwangaba nampendulo ngaphakathi”



