
Awukholwa umndeni wasomabhizinisi obulawe amaphoyisa
Morgan Ngwazi
Amaphoyisa aseKZN adubule abulala abasolwa ababili ebebefuwa uthuli ngoMsombuluko ekuseni.
Lesi sigameko senzeke ezintatha zangoMsombuluko eMargate ogwini oluseNingizimu yeKwaZulu-Natal (KZN).
Abasolwa abayiswe kwagoqanyawo uMnuz Mlondi Zithumane, ongusomatekisi aphinde abe ngumnikazi wenkampani iGasela Protection Services, nonogada abenaye.
Lezi zindaba ziqinisekiswe umfowabo kaZithumane uBanele.
Umndeni uthi awukholwa okushowo amaphoyisa Ufisa ingalo yomthetho ingenelele.
Ngokusho kokhulumela amaphoyisa eKZN, uCaptain Ntathu Ndlovu, abasolwa ababili balimele kabi ngesikhathi behlanganyela namaphoyisa esigamekweni sokudubulana esenzeke e-Uvongo eMargate.
“Kutholwe izibhamu ezinhlanu ezingekho emthethweni okubalwa kuzo nezibhamu ezimbili zohlobo lwe-AK-47. Amaphoyisa abesebenza ngokobunhloli ngabantu abebephethe izibhamu ezingekho emthethweni.
Amaphoyisa asondele emzini obekuhloswe kuwo amemezela ukuthi zikhona kodwa kwangaba nampendulo ngaphakathi”
“La malungu angene endlini kwathi ababili abebengaphakathi endlini badubula bebhekise emaphoyiseni”
“Amaphoyisa aphindisele ngenhlamvu kwafa abasolwa ababili. Kutholakale izibhamu ezimbili zohlobo lwe-AK 47 kanye nezibhamu ezintathu”
“Alikho iphoyisa elilimale ngesikhathi sokudubulana,” kusho uNdlovu.



