
Ugeqa amagula uMzokoloko ngokuhamba oKhozini FM
Sane Mseleku
Owayengumsakazi oKhozini FM uMzokhona (Mzokoloko) Gumede, ugeqa amagula ngokushiya emsakazweni.
UMzokoloko ubekhuluma ngokuqashwa kwakhe, ukusebenza kanye nokuphelelwa itoho.
Kuzokhumbuleka ukuthi uMzokoloko wafika wanikezwa ezinye zezinhlelo ezihamba phambili emsakazweni, uhlelo lwantakbama, iWoza Nabangani Bakho ngo-2019.
Lolu hlelo wayelushayela ngokubambisana noMroza Buthelezi kusukela ngo-03:00 kuya ku-06:00 ntambama.
Enkulumeni yakhe uMzokoloko ubalule ukuthi wafika yonke into isihleliwe, okuhlanganisa umsakazi owayezosebenzisana naye (uMroza), kanye nabadidiyeli.
“Angicabangi ukuthi ubumina babuvikelekile, ngoba nongangisebenzisana naye wayengeke ayeke indlela asebenza ngayo”
“Ukube nganikwa ithuba lokuthi ngizikhethele umsakazi engangizosebenzisana naye, uhlelo lalizoba impumelelo.” kusho uMzokoloko.
Nakuba kunjalo kodwa uMzokoloko uthi akazisoli ngokushiya iGagasi FM ajoyine Ukhozi FM.
Mayelana nokuthi wawuthola kanjani lo msebenzi, udalule ukuthi wehlewa imana, ngoba waqokwa, uthi naye akazange ananaze wavumela phezulu.
Uthi lento yokusakaza yena wayenza ngothando hhayi njengomsebenzi, yima ebona manje ukuthi umsebenzi ngoba esenezingane nomndeni.



