Izindaba

UPrince Mabheka ohambweni lwaseKhenana noNyazi

Sihle Mkhize 

USihlalo weSivananda World Peace Foundation uMnuz Prince Ishwar Ramlutchman Mabheka Zulu ube ngomunye oqwale intaba yaseKhenana eholwa Inkosi yakwaShembe uNyazi.

UPrince Mabheka usezakhele ugazi esizweni sakwaZulu ngokubamba iqhaza ezintweni ezithinta iSintu nenkolo yabansundu.

Lolu hambo eliyibanga elingango-90 km lwamakholwa amaNazaretha luqinisa kakhulu ubunye nokubambisana.

Uhambo lwamaNazaretha aseBuhleni luqale ngeSonto ekuseni esuka eNanda ebheke eKhenana, oZwathini.

NgoLwesine olwedlule izinkumbi zabazalwane baleli bandla bangene enkonzweni ebizwa ngokuthi uMdedele.

Kule nkonzo abazalwane bahamba amabanga amade belubhadula ngonyawo, nokuyilapho amalungu ebandla engenisa bonke abantu bakubo asebashona.

NgeSonto ngomhla ka-4 January umholi webandla, uNyazi uhole uhambo olude lokuqwala intaba yaseKhenana.

Kuzokhumbuleka ukuthi uPrince Mabheka usanda kupha inkosi isipho sePulpiti elizihambelayo nelethulwe kuNyazi Lwezulu ngoDecember.

Lesi sipho sibe ngesivuselela ubudlelwano phakathi kwamaNdiya kanye namaZulu okuseneminyaka eminingi eyedlule baba khona.

Related Articles

Back to top button