
Aphelile amaphupho eBafana kwi-Afcon
Umdlalo uphele sekuvele kuqalile ukukhombana nokusolana eNingizimu Afrika kulandela ukuthi iBafana Bafana ikhishwe kwi-Africa Cup of Nations (Afcon).
IBafana ishaywe yiCameroon ngo 2-1 emdlalweni womzuliswano wokuqala esigabeni semidlalo yomkhumulajezi obuseRabat ngeSonto ebusuku.
Izinkonondo ziqale ngaphambi kokuthi umdlalo uqale, kukhalwa ngendlela umqeqeshi uHugo Broos abebophele ngayo iqembu lakhe.
Lo mqeqeshi uqale umdlalo kunabadlali abayisikhombisa abahle kakhulu uma kugadwe umzila emuva okubonakale kuzoyinqinda ekuhlaseleni iNingizimu Afrika.
Nokho iwuqale kahle umdlalo futhi kwayiyo ewulawulayo – yakha amathuba athembisayo kodwa yangakwazi ukulinamathisela enethini.
Kube yiCameroon elishaya kuqala igoli ngomzuzu ka-34 nelishaywe nguJunior Tchamadeu okuyiwe ngalo ekhefini.
Izinto zithande ukuqansa kakhulu kwiBafana ngesikhathi uChristian Kofane eshaya elesibili ngomzuzu wesibili zibuye ekhefini.
Ngemuva kokwenza izinguquko ezimbalwa, iBafana ibe seyihlasela kangcono futhi u-Evidence Makgopa wabuyisa ithemba ngegoli alishaye ngomzuzu ka-88.
Yize evelile amanye amathuba, futhi uMakgopa ebe neshwa elinye lamabhola akhe ephuma eceleni, kube sekuphela kanjalo ngeBafana kulo mqhudelwano.
ICameroon yiyo esizobhekana nosokhaya iMorocco ngoLwesihlanu emdlalweni wesigaba sesibili seyomkhumulajezi.
Lisenethini.co.za



