Ezokungcebeleka

Indida kuphuma ingoma entsha nge-Afrotainment egqekeziwe

Bahle Mkhize

UKUGQEKEZWA kuntshontshwe imishini yestudio sikaDJ Tira, i-Afrotainment sekuvumbule ikhono komunye wabalandeli bakhe ezinkundleni zokuxhumana.

Iciko elingaziwa liqophe ingoma okubukeka eyithandile uDJ Tira kwazise akapholisanga maseko wayinameka ezinkundleni zokuxhumana. Izinhlamvu zale ngoma zihamba kanje:

“Istudio sase-Afro asibuye, ngikhumbule isgingci sikaBulo. Lesi esinyakazisa ngisho intulo, mawumbonile osinsthonshile ngicela umusho. Angisazi ngizobhalani ngicela umusho, angisawazi mfethu nomusic omusha kaTipcee. Makoya uyibhubesi ungavumi ukuphenduka umentshisi. Ngiyazi senizocabanga ukuthi ngizincengela ideal. Duncan khipha i-album sesikhathele ile waiting. Ukwenza ingoma namaQwabe sekwaba ifashion, Dladla Mshunqisi ngiyafisa ukukushayisa idrill. Ubani ongazi ukuthi i-Afrotainment iyashisa,”

Abantu abaningi bakhombise ukuyithakasela lengoma enesigqi seHip Hop, uSiphesihle Mntungwa uthe akasayine angabe esamdedela uTira.

Abanye bancokole ngokuthi lo mculi uzithathephi izinsimbi zokukhipha umculo osezingeni elinje kumele kuphenywe yena.

Kumanje kuphenywa icala lokweba ngesigameko sokuntshontsha esenzeke estudiyo esiseDurba North.

UTira uveze ezinkundleni zokuxhumana ukuthi kugqekezwe, kwantshotshwa imishini abayisebenzisa ukuqopha estudiyo sakhe i-Afrotainment, eThekwini. Kule mishini uthe kugcwele izingoma akade besaziqopha.

Lokhu kudale ukuthi acele usizo lokufuniswa lemishini waze wakhipha umehlokaboni kaR20 000 waphinde wawengeza ngoR5000.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLt Colonel Robert Netshiunda, uthe baphenya icala lokugqekeza endaweni yokusebenzela esigamekweni esenzeke ngesonto eledlule.

Uthe icala livulwe ngoMgqibelo emaphoyiseni.

Related Articles

Back to top button