Inkosi nesikole sokuphatha amakhosikazi
Aphe Gcwabe
INKOSI yesizwe sakwaMhlongo esigodini saseNdulinde, eMandeni, uSbusiso Mhlongo inxusa abantu ukuthi bafunde ukuhlalisana kahle nabantu abathandana nabo.
UMhlongo ubekhukuma kwisithabathaba sesigodlo sakhe e-Adams Mission lapho athi ufihle khona ikhanda ngaphansi kwenkosi uMakhanya.
UNjomane uthe yena unondlunkulu ababili uMaDlamini nokaMazila ahlala nabo ngokuzwana ngaphansi kophahla olulodwa.
“Sihlezi nje layikhaya asikaboni lutho olubi. Ngalolu suku ngifuna abantwana nomama bajabule ngike ngathi shwi sathenga amachips noniminayidi. Nathi sizihlalele sizishisela inyama. Layikhaya asihlezi ngesidlozana, omama bahleli ngenjabulo. Omama babili kulo mkhukhu engihleli nabo kuyo. Ngiyafisa abafowethu bayeke ukunyenya ngoLwesihlanu ukuze baye komunye umama, bangaze bagingqike nezimoto. Ababuye bazoncela, kuke kuthiwe injobo enhle ithungelwa ebandla. Umuntu akeze azothola ulwazi ukuthi uwanika kanjani uthando amakhosikazi amabili ngokulinganayo,” kusho uMhlongo.
Le nkosi ebakhonzile abantu nehlale incokola ihlala ngokuvakashelwa amaciko, abaholi bendabuko, abaholi nabantu jikelele.
IPurpose ifike ngosuku lwabasebenzi kukhona umculi waseBergville uMavela Nene, Zwelani Mbhele waseXobho, nomelaphi wendabuko uMhlongo owakhe eLovu noSya Dube waseSt Winifred.
Inkosi ibe isinxusa abantu ukuthi baphume ngobuningi babo ngoMeyi 29 ukuthi bayovota.
“Lokho kuyosiza ngoba mhlawumbe nemigwayo yethu izolunga kanjalo nogesi njengoba sihleli ebumnyameni kumanje,” kugoqa iNkosi.
Kube sekusindwa ngobethole inkosi yakhipha iziphuzo kwashiswa bsenyama ijabulisa izihambeli zayo.