Izindaba

Zilahlwe olwandle izikhiye kugwetshwa umdlwenguli oneHIV

Phila Luthuli

UGWETSHWE odilikajele abayisishagalolunye neminyaka engu-158 ngaphezulu uXolani Gcelu ngamacala okudlwengula kusukela 2016 kuya ku-2019 e-Eastern Cape.

UGcelu ugwetshwe izolo.

Okushaqisayo ukuthi uGcelu ubegila lemikhuba azi kahle ukuthi uphila nesifo sesandulela ngculaza iHIV.

Ngokubika kweTimes Live iNkantolo eNkulu yaseMthatha uNgcelu (34) imthole enamacala okudlwengula, ukuthumba, ukuphanga, nokuzama ukubulala phakathi kweminyaka engu-17 no-26.

Lo mdlenguli kuthiwa abagilwa ubebaqeda endaweni yaseSidwadweni nase Zandukwana eduze nase Tsolo.

“Ngesikhathi edlwengula abagilwa uGcelu wayazi kamhlophe ukuthi unesifo seHIV. Yingakho egwetshelwe nokuzama ukubulala,” kusho uLuxolo Tyai okhulumela iNational Prosecuting Authority (NPA).

Inkantolo igwebe uNgcelu udilikajele icala ngalinye kwayisishagalolunye abebhekene nawo.

Kuloluxhaxha lwamacala agcine esehlanganise u158 weminyaka ugwethselwe namacala okuhlanganisa

ukugqekeza, ukuthumba, ukuzama ukubulala, ukushaya ngenhloso yokudala umonakalo, ukudlwengula namanye amaningi.

Inkantolo ibe isiyalela ukuthi ayidonse yonke leminyaka ngokuhlanganyela nesigwebo sikadilakajele.

“Phakathi kwaMashi 2016 noJune 2019 uGcelu kubikwa ukuthi wayenyonyobela abesifazane abasebancane abasuke behamba bodwa. Kokunye angenele angenele abesifazane abasuke bebele bodwa angene abadlwengule,” kulandisa uTyali.

Uphinde waveza ukuthi ubesabisa izisulu ngommese abaqhube abayise ezindaweni ezingamabhilidi akhiwe angaqedelwa. Yilapho ke abefika abaphuce konke abanakho okubalwa amaselula nemali qede abadlwengule,” kuphetha uTyali.

UGcelu umataniswe nawo wonke lamacala nebala ulibofuzo (DNA) akhomba yena.

 

 

Related Articles

Back to top button