Ezemidlalo

Ikhale yemuka nesicoco selog iMamelodi Sundowns 

Ubebonakala ebusweni umqeqeshi obambile weKaizer Chiefs, uCavin Johnson ukuthi ubuhlungu ngemuva kokuxhashazwa yiMamelodi Sundowns, imshaya ngo 5-1.

Lokhu kwenzeke eFNB Stadium ngoLwesine ebusuku iMamelodi Sundowns iqinisekise ukuthi nebala idla isicoco seDStv Premiership okwesikhombisa kulandelana.

“Kunzima ukuthi umuntu abeke imicabango yakhe njengamanje,” kusho uJohnson ngemuva komdlalo.

“Okokuqala, umuntu kumele abongele iSundowns inqobe iligi namuhla. Kodwa thina njengeChiefs, sizamile esiwombeni sokuqala kwaze kwaba sithola ikhadi elibomvu.

“Sizamile ukubavimva, futhi bebengatholi lutho. Kodwa ngoba besesishoda, ngokuhamba kwesiwombe sesibili kwacaca ukuthi kuyasinda.

“Sihlehlele emuva, bakwazi ukuthola amagoli… Ngingathini, kumele sibuyele emuva siyolungisa ngoba sisasele nemidlalo emine.”

Osekusalele iChiefs manje wukuthi ilwele ukuqeda ngaphakathi emaqenjini ayisishiyagalombili aphezulu kwilogi.

“Kumele sikulwele lokho. IChiefs kumele ikulwele lokho. Bayazi (abadlali) ukuthi kumele bakulwele lokho.

“Kumele singene… Kumele singene, leyo ngenye yezinto okumele sizenze ukuze siqale kahle ngesizini ezayo.”

Kuvele kwasheshe kwacaca ukuthi kuzoba wumlingo ongasiza iChiefs ithole okusaphuzu kulo mdlalo ngesikhathi ikhishewa umdlali ngekhadi elibomvu.

Bekusadlalwe ngaphansana kancane kwemizuzu engu-20 ngesikhathi uGiven Msimanga ethola ikhadi elibomvu.

Lokhu bekulandela ukuthi evimbe uLucas Ribeiro esephunyulile eyobhekana ngqo nonozinti.

Yize belimfanele leli khadi, lizokhulumisa ngoba ngaphambi kokuthi avimbe uRibeiro, unompempe bekumele ahlawulise uThembinkosi Lorch.

Lo mdlali wasesiswini uvimbe ngabomu uThatayaone Dithlokwe ukuze angafiki ebholeni.

Nangaphabi kwalokho, uNeo Maema bekumele ngabe ukhishwe ngekhadi elibomvu kulandela ukukabha kwakhe u-Edson Castillo.

Kuze kwayiwa ekhefini iChiefs ilwa, izama ukuthi kungabonakali ukuthi isiyashoda.

Kodwa kubhede kakhulu esiwombeni sesibili, iSundowns ibuya sekungathi ithelwe ngezibonkolo.

Kube uTashrique Mathews ovule inkundla ngomzuzu ka-52. UMathias Esquivel wenze kwaba u-2-0 ngoka-56.

Ubuyile uMathews ngomzuzu ka-82, wenza kwaba u 3-0. IChiefs ibe seyibekelwa iphenathi, uMduduzi Shabalala wayibeka enethini.

Kodwa kube sengathi uzihlokolozela imamba isemgodini, yabuya ingasagayelwe mphako iMamelodi Sundowns.

Yengeze amanye amagoli amabili, ashaywe uLucas Ribeiro noThembinkosi Lorch, kwagcina kungu 5-1.

Impempe

 

 

Related Articles

Back to top button