Ezemidlalo

IKaizer Chiefs ethubeni lokumosha umcimbi weSundowns kweyelog

IMamelodi Sundowns izoba ngompetha beligi ngokusemthethweni, okwesikhombisa kulandelana uma beshaya iKaizer Chiefs eFNB Stadium, ngoLwesine ngo-7.30 ebusuku.

Amakhosi azabalazela ukungena kwiTop 8 kwilogi yeDStv Premiership futhi inethuba lokona umcimbi weBafana Ba’Style.

Leli qembu laseChloorkop alikashaywa emidlalweni yeligi kule sizini.

Selidlale imidlalo engu-23, lanqoba engu-18, lase lidlala ngokulingana kwemihlanu.

IChiefs isanqobe uhhafu wemidlalo enqotshwe yiSundowns (eyisishiyagalolunye) yize seyidlale imidlalo engu-25.

Emdlalweni wokugcina iChiefs ishaye iSuperSport United ngo 2-1 kanti ibinganikwe lutho kulo mdlalo.

Ibiphuma ekushayweni imidlalo emithathu ilandelana, ngakho bekungabukeki inganqoba kuleli qembu lasePitoli.

Ngasohlangothini lweSundowns igcine ibhaxabule iTS Galaxy ngo 3-0 emdlalweni ophethe ngezinkulumo ezijulile kubaqeqeshi, uRulani Mokwena noSead Ramovic.

Njengoba iChiefs izokwamukela elinye iqembu lasePitoli ngoLwesine ebusuku, inethuba lokushaya amaqembu asePitoli kabili kulandelana, nokuba yiqembu lokuqala ukushaya iSundowns kule sizini.

Impempe bike ukuthi ngesizini ka-2020/2021, iChiefs yilona lodwa iqembu elakwazi ukushaya iSundowns emidlalweni yeligi.

Kulowo mdlalo yayishaya ngo 2-1 eLoftus Stadium, ngo-Ephreli ka-2021.

ISundowns ibingahlangana neChiefs isivele ingompetha beligi ukube iStellenbosch FC ishaywe yiGolden Arrows, ngoLwesithathu.

Nokho iStellies ibhaxabule Abafana Bes’thende ngo 3-0 kulo mdlalo obuseKapa.

Ngabe ingakuphinda lokho iChiefs, yize izoya kulo mdlalo kubhekwe ukuthi ishaywe?

 

Related Articles

Back to top button