Izindaba

KUSE ngokunye koshiye abantwana bodwa wayophuza ethaveni

Aphe Gcwabe

KUSE ngokunye kowesifazane oshiye izingane zakhe ezimbili waya kophuza ethaveni wabuya sezintshontshiwe.

Amaphoyisa asesiteshini sase Venyersdorp, eNorthwest, athungatha uMaletlhogonolo Hlongwane (5) olahleke kusukela ngeSonto ngezikhathi zo-6 kusihlwa.

UMelo okuyisiteketiso sakhe ulahleke nomzala wakhe oneminyaka emithathu ubudala esigodini sase Goedgevonden .

Amaphoyisa asevulele unina wale ngame icala lokuba budedengu.

Amaphoyisa acela noma ngubani ongaba nolwazi ukuthi afonele Sergeant Cecilia Batantse noma uCapt Willem Smit ku-060 ‪967 3966‬ / 082 ‪772 6453‬

Khonamanjalo, uNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele uvule isiteshi amaphoyisa kwaDabhazi, kwaNongoma ngoLwesine.

Le ndawo isanda kuba sematheni ngenyanga edlule lapho khona kwaboshwa izikhulu ezine zalo Masipala. Kulezi zikhulu kubalwa iMenenja, Chief Financial Officer, Supply Chain noNogada.

Bavela enkantolo yendawo bebhekene namacala okuntshontsha, ukukhakwabanisa nokushinsthisana ngemali ngendlela emgekho emthethweni.

Kwavela ukuthi ukuboshwa kwabo kungase kusize ekusombululeni amacala okubulawa kwabantu kuleya ndawo. Ngesikhathi bevela abasolwa okokuqala kwakukhona eNkantolo uMnuz Bheki Cele, Lieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi nabanye.

Lesi siteshi sizobuyisa ithemba nakumphakathi jikele. Lokhu kuzolekelela nasekunqandeni ubugebengu bokwebiwa kwemfuyo okuthe chithi sonke isifundazwe.

Related Articles

Back to top button