Uvalo izingane ziguliswa amakhekhe ka’My Friend’
Phila Luthuli
SEKUPHUME isexyayiso ukuthi abafundi baqaphele amaPakistan adayisa amakhekhe anoshevu ezikoleni.
Esigamekweni sakamuva kubonakale abafundi bezibhonqa phansi bebambe izisu kubonakala ukuthi kunobuhlungu ababuzwayo.
IPurpose inevideo yabafundi basesikoleni iSiphesihle begqoke umfaniswano wesikole belinde usizo esibhedlela kucaca ukuthi kubi.
Izolo kungeniswe izingane ezingu-13 esibhedlela Osindisweni, eNewcastle. Namhlanje kuvele ukuthi kuphuthunyiswe ezinye izingane ezingu-18 ngenxa yoshevu okulama khekhe.
“Ngizwe ngiphuma emsebenzini ngabantu kwathiwa ungahambi kancane ekubeni konakele, uma ngifika ekhaya ingane iyazibhonqa ikhala ngesisu.
“Umntwana uthe uthenge amakhekhe, sesithenge ilitha yobisi waphuza ingilazi eyodwa yabuya ngaleso sikhathi. Ibuye ivuthiwe kungamasi. Usebuyise kwaze kwaba ikane, konke kubuya kuvuthiwe.
“Kumanje ngilinde ubaba wakwa makhelwanene oyokwetha uphethiloli sihambise umntwana esibhedlela Osindisweni ayikho into engizoyenza,” kusho umyalezo osatshalaliswe ezinkundleni zokuxhumana.
Eqhuba nesixwayiso sakhe lo mzali eligodliwe igama lakhe uthi omunye umzali ohambise ingane yakhe esibhedlela izolo uthi nabahlengikazi bebekhala ngokwanda kwezingane ezingeniswe la zidinga usizo.
“Namhlanje kungeniswe ezaseNdwendwe, sengithi anginazise ke ngoba engathi labantu bahanbela izindawo ezahlukene.
“Bangahamba bafike nangalapho. Nakhona zithi amakhekhe ezidayiselwe wona iPakistan,” kusho umyalezo.