Ezokungcebeleka

Impi yamazwi koMaskandi abachomelanayo ngokuxebula isigingci

Phila Luthuli

UTHELE uphethiloli emlilweni umculi kaMaskandi uMuntuyenziwa Khanyile odume ngoBabhemile ecela abantu  bangamqhathanisi ngokushaya isigingci noMbuzeni Mkhize ngoba yena ungenhla.

Nakuba engambizanga ngegama ngqo kodwa ubelingisa yena uMbuzeni kwivideo wayesenxenxa abantu ukuthi bangahlanganisi amanzi nopharafini.

“Yazi njalo kunomehluko, anobuye nibheke ningabi sengozini yokuqhathanisa izinto ezingafani kunomehluko ukuthi…..(exebula isigingci elinganisa uMbuzeni bese esishaya ngendlela yakhe) mkhulu umehluku niyezwa nani. Ningaqhathanisi amanzi nopharafini ngeke kulunge ngisho nesithutha siyezwa phela ngeke,” kudikila uBabhemile kwivideo eyimizuzu engamashumi amane nantathu.

IPurpose ibe seyikhombisa uMbuzeni le video engcofwa uBabhemile.

UMbuzeni akandanga ngamaningi kodwa uthe: “Uyeyisa lo mfana ngizomthola uzama ukugadla. Lomfana angimazi ungizwani bebaningi kangaka abantu uzosukela mina. Iyangicasula lento yakhe ngoba usemncane usasifunda isgingci. Imikhuba yewunga le,” kuphendula uMbuzeni.

UMbuzeni uzalwa eMkhomazi kanti uphinde aziwe ngeBhenanyawo okuyiqembu elihlanganisa izingqwele uPhuzekhemisi, Thwasalekhansela, Bahubhe, Nyonemhlophe nabanye abaningi. Sikhuluma kumanje nje ingoma esazidlela amahlanga yeGcokama Elisha esihloko sithi Paris isigingci sixetshulwa uye uMbuzeni.

Ngakolunye uhlangothi uBabhemile udabuka eNkandla, eMakhendle kude buduze naseMandaba kubo kaKhuzani.

Ayaziwa amagalelo abo bobabili labaculi njengoba sebeke basebenza nabaculi abahlonishwayo kuleli okuhlanganisa uNomcebo Zikode, Khuzani, Igcokama Elisha nabanye abaningi.

Ngasekuqaleni konyaka iGcokama Elisha lenza umcimbi eMdletsheni nalapho lamema uMbuzeni lase lazisa abalandeli balo ukuthi umfo kaMkhize uyingozi.

Related Articles

Back to top button