Ezokungcebeleka

UBig Zulu uveza obekufihliwe ngoNtaba yaseDubai 

Liyah Singela

UBIG Zulu ugeqa amagula ngoNtaba yaseDubai nengoma abayiqopha ngokuhlanganyela yadla abantu qede baxabana.

UBig Zulu baqopha ingoma esihloko sithi Mali Eningi okwakukhona kuyo umufi uRiky Rick eminyakeni emithathu edlule.

Le ngoma yaba nesasa elikhulu kodwa ekugcineni kwaduma ukuthi iNkabi Records okuyisitebela saBig Zulu sidle imali kaDubai okuyimanje usekhaya kubo kwaMaphumulo ngenxa  yokuxakwa iGoli.

UBig Zulu ekhuluma kwenye yama Podcast uthi uNtabà yaseDubai wazigwaza ngowamhe ehlulwa ukulinda wagcina esayina ngaphansi kwe-Ambitious.

“Imali Eningi uDubai wayiqopha engakosayini e-Ambitious. Uma efika kimi ngathi ukumsayina kuzoba inkinga ngoba kwakune Covid 19 kodwa ngamazisa ukuthi kusekhaya la. NoMduduzi wasevele eseNkabi Records kodwa ngingakomsayini. Naye ngamtshela kanjalo ukuthi kusekhaya la, eyokusayina sizobuye siyibone. Ngithe sengizoyikhipha ingoma wathi angikhulume ne-Ambitious, ngimbuze ukuthi kanjani manje ndoda. Athi kimi Grootman sengisayinile,” kusho uBig Zulu.

Uthi wakhuza wababaza ukuthi uzigxobe ngetshe kubhozo.

“Ngase ngithi Leroy awukhulume noKgosi (mphathi we-Ambitious). Ngenxa yokuhlakanipha afune uDubai aqale kabusha aqophe ichorus e-Ambotious. Ngaleso sikhathi ingoma iphelile sengiyiphethe ngesandla. Ngala ngaphetha sayikhipha ingoma yadla abantu. Yonke imihlomulo eyaphumayo yaya kwi-Ambitious. Mina noDubai besixoxa noma kukhona akufunayo asho njengomfowethu. Kwathi ngelinye ilanga ngambuza ukuthi kungani uhlezi ungifuna izimali ekubeni enezimali zakhe,” usho kanje.

“Ngamazisa uDubai ukuthi izimali zakhe zikhona akazifune e-Ambotious. Wabuya nempendulo yokuthi inkampani akuyo ithi ayisona ispaza shop. Kwahamba isikhathi kwase kuvela izindaba zokuthi iNkabi Records ne-Ambitious badle imali. Kwangiphatha kabi lokho angifuni ukuqamba amanga ngoba wayelazi iqiniso. Ngesikhathi sesikhuluma siveza nezitatimende kwaba khona izimali azitholayo kwi-Ambitious,” kucacisa uBig Zulu.

Uthi yilapho abona khona ukuthi uyamsebenzisa ukuthola izimali zakhe wagcina ezithulela.

“Ukube wayekhulume kahle nami ngangiyomsiza ukukhipha zonke izimali zakhe. Ngikhumbula kuwuDisemba 25 enze umcimbi ngakubo kulowo mzuzu ngibhukhiwe ngapha nangapha futhi ngishisa bhe. Ngenxa yokumeseka ngashiya phansi konke. Ngakusasa kwaphoqa ukuthi ngibuyisele emuva imali angaphezulu kwaR500 000 kubantu ababengiqashile” kusaqhuba yena.

Uthi waya emcimbini kaDubai engafakelwe mali yaphethiloli ngisho indawo yokulala ingahleliwe. Ngalala komunye umbhede omi kanje (elingisa isikebhe) ngenxa yothando nokuqonda amandla wami ngaleso sikhathi.

 

Related Articles

Back to top button