
Bayaqhubeka abamnyama nokuqhoqhobala izikhundla eziphezulu kwi-East Coast Radio
Aphe Gcwabe
ISITESHI somsakazo i-East Coast Radio (ECR) siqoke uMzuvele Mthethwa njenge Managing Director (MD) kulo msakazo ozinze eMhlanga, eThekwini.
UMthethwa ubesabambe izinyanga ezintathu kulesi sikhundla ethatha izintambo kuBonisiwe Mchunu oshiye ngasekupheleni konyaka odlule.
Phambilini i-East Coast Radio beyaziwa njengesiteshi esisakazela abantu bebala elimhlophe namaNdiya futhi siphethwe abebala. Kule minyaka edlule kushintshile ukudla epletini njengoba indlu emnyama isakaza khona futhi izikhundla eziphezulu ziqokelwa abantu abamnyama.
Kuthiwa uMthethwa eseyoqeda iminyaka engamashumi amabili ekulo msakazo kanti uzoletha ulwazi olunzulu. Phambilini uke waba inhloko yokuphathwa kwezimali zomsakazo nokunye okuningi.
Le nsizwa ebuye iteketiswe ngoNyambose okuyizithakazelo zakhe uyile esikoleni wafunda wagogoda. Ngaphakathi kulesi siteshi kube nohlelo olubizwa nge-ECR Senior Leadership Development Program nalapho uMthethwa efundiswe eNyuvesi yaseStellenbosch wabuya neziqu.
Uphinde wathweswa iziqu kwiKagiso Media Senior Management Program eGordon Institute of Business Studies. Enjalo nje, ugabe ngeDegree yeBachelor of Commerce ayithola e-UNISA.
Ngale komsebenzi, uwubaba futhi ushadelwe kanti uhlezi elangezelele ukulula isandla lapho engakwazi khona.
Isiteshi sesikhombise ukumethemba njengoba nezibalo zilokhu zikhule njalo kwazise basanda kwethu nohlu lwabasakazi abasha ezinhlelweni ezahlukene.