Izindaba

Uphume ngebheyili ka-R5000 obegijima kwiSundowns 

Udedelwe ngebheyili ka-R5 000 owayengumdlali weMamelodi Sundowns, uPhakamani Mahlambi, oboshelwe icala lodlame lwasekhaya ngoLwesibili.

UMahlambi nentombi yakhe kuthiwa baxabana bebanga ukusebenzisa i-microwave ngaphambi kokuthi kugcine kuqhuma isibhaxu.

Lo mdlali osedlale ngamathuba amaningi emaqenjini ehlukene, ulale ebaliwe ngoLwesibili ebusuku.

Ulale ezitokisini zamaphoyisa aseSebenza ngaseKempton Park. Uvele eNkantolo yeMantshi yaseKempton, Park eMidrand, ngoLwesithathu ngamacala amabili okushaya neloodlame lwasekhaya.

UMahlambi ubegijima kwiSundowns ngaphambi kokuthi abolekiswe kuChippa United ngo-2021.

Umthombo osondelene nalezi zithandani ongathandanga ukudalulwa utshele iScroll.Africa ukuthi laba bebesemzini wabo ngase-Edenvale ngesikhathi kusuka ingxabano.

Ngemuva kokubikela amaphoyisa, intombi kaMahlambi kuthiwa ibifuna ukuhoxisa amacala, kodwa inkantolo yanqaba ngoba udlame lwasekhaya luthathwa njengecala elibucayi.

Akuyena lo mdlali owokuqala kule sizini ukubhekana necala elinjena njengoba noThamsanqa Gabuza eke waboshelwa elifanayo.

Lo mdlali obegijima kwiTS Galaxy naye waboshelwa ukushaya intombi, kodwa babuye baxolelana, yalisula icala selisenkantolo.

Kumanje uThembikosi Lorch, odlala kuyo iSundowns, isigwebo esilengisiwe ngokutholakala enecala lokushaya owesifazane ayethandana naye.

Kwenzeka lokhu nje iMamelodi Sundowns ayeyidlalela kuyihambela Kahle. Izolo iguqise iSekhukhune ngo2-1. Lokho kuyenza ibe yiqembu lokuqala emlandweni wePremier League PSL ukungehlulwa emidlalweni engu-22 yeligi

Related Articles

Back to top button