
Intaka ibekelwe amazolo kwi-Africa’s Travel Indaba eThekwini
Sihle Mkhize
SEKUMI ngomumo ngomcimbini
I-Africa’s Travel Indaba eNkosi Albert Luthuli Convention Centre, eThekwini, kusukela ngomhla ka-13 kuya kuMeyi 16 kulo nyaka.
UMnuz Fish Mahlalela ongusekela Ngqongqoshe wezokuVakasha uthi selokhu bathula uhlelo lokungabi bikho kwevisa phakathi kweNingizimu Africa neKenya kuthele izithelo ezibalelwa ku-99%. Uthi senyuke safinyelela ku42,403 isibalo sabantu abasuka eKenya kusukela ngoJanuwari kuya kuDisemba ngonyaka ka-2022.
UMahlalela ubekhuluma ngesikhathi kwethulwa i-Africa Travel Indaba.
“Amandla aphakathi kweNingizimu Africa neKenya iveza ukubaluleka kokuhambelana ngaphandle kwevisa,” usho kanje.
Uqhube ngokuthi ulindele okufanayo njengoba yenze okufanayo neGhana kusukela ngoNovemba 1.
IMeya yeTheku uMnuz Mxolisi Kaunda ucashunwe ethi ingqikithi yalo nyaka ithi “Let your story shine”.
“Indaba iqondane kahle nokugujwa kwenyanga yase-Africa. Okubalulekile ukuthi izwekazi lase-Africa lithathe indawo yalo emhlabeni. Le Ndaba isinika ithuba lokuthi sitshele umhlaba ngezindaba ezinhle zalapha, amasiko nokunye,” usho kanje.
I-Africa Travel Indaba umcimbi ozothatha izinsuku ezintathu owenziwe iBusiness Opportunity Networking Day (BONDay) nohlose ukwakha izindlela zokucabanga kwabantu, ukucobelelana ngolwazi nokwazi ngezinto ezintsha zomhlaba kanye nasemphakathini yethu.
IBONDay uhlelo lokuthuthukisa futhi olusebenzisana nabezokuvakasha umhlaba wonke nochwepheshe kulo mkhakha.
Lo mcimbi wenzelwe ukusiza abantu base Africa ukwenzisisa nokuveza amakhono wabo kubathengi isemphakathini nasemhlabeni wonke. Lokhu kuzosiza ukuthi bahlangane babonane nabathengi abakhulu bomhlaba, nokuthi babone ubuhle namakhono ase-Africa.
Lokhu kuzodala amathuba amaningi amabhizinisi nobudlelwano obukhulu obuhle obuzokwakha izwe lase Africa kusasa.
Lo mcimbi uzokwenziwa eKZN eyaziwa ngemfudumalo, amabhishi amahle, amapaki, iziqiwi, izintaba, amahlathi aluhlaza, umoba kanye nobhanana omnandi.
Le ndawo iphinde yaziwe ngomlando onothile okuhlanganisa nomlando kaDr uNelson Mandela okuyiwona odumile futhi othandwa kakhulu izivakashi. IKZN iphinde ithandwe ngenxa yezindawo ezimbili ezidume kakhulu ngamaciko namasiko uKhahlamba Drakensberg Park neSt Lucia Wetland Area.