Izindaba

Kusinde Incwadi Yezono kugqekeza amasela e-Afrotainment 

Bahle Mkhize

UDJ Tira ucela noma ngubani ongaba nolwazi eze ngaphambili. Lokhu kulandela ukugqekezwa kwantshontshwa yonke into estudio sakhe i-Afrotaiement, eDurban North. Lesi sigameko senzeke ngoLwesithathu ebusuku kodwa size sabonakala ngoLwesine.

“Uma uzwa kunothile odayisa izinsiza zasestudio. Yaze yabuhlungu lento,” ubhale kanje kwistatus sakhe KwiWhatsApp ePurpose ezibonele nayo.

Kukhalwa isimayemaye amaQwabe Twins, Duncan, Zakwe noBabes Wodumo. “bafowethu sicela nisize ekutholeni izimpahla zasestudio ezintshontshiwe asize. Izolo ebusuku kugqekeziwe kwantshontshwa wonke umsebenzi.

UDuncan uthi amaphaphu phansi i-album yakhe isindile emaseleni 📸: Instagram 

“Uma ubona noma ngubani edayisa okuthile nisazise, kunomklomelo ka-R20 000 ozotholwa noma ngubani ozofika nolwazi,” kubhala uDuncan.

UDuncan uqinise idolo omunye umlandeli wakhe okhale ngokuthi ngeke basayithola i-album yalo mculi ebhekwe ngamehlo abomvu.

Nizoyithola i-album yami, ngenhlanhla bengingayi record e-Afro. Ngarikhoda izingoma ezimbalwa khona ngawathatha namafayela. Ngaleyo ndlela ikwazile ukuphepha,” uDuncan ephendula umlandeli wakhe ezinkundleni zokuxhumana.

Kulindeleke ukuthi uDuncan akhiphe i-album esihloko sithi Incwadi Yezono ngaphansi kwalesi sitebela. NgoLwesithathu ubhale kanje ezinkundleni zokuxhumana. “Ey ziningi izingoma ekumele ngikhethe kuzo, manje angisazi kusale yiphi kungene yiphi ku-album. Nifuna i-album ibe nezingoma ezingaki bafowethu,” kubuza uDuncan.

 

 

 

Related Articles

Back to top button