Izindaba

Zisazoqhuqhwa amakhaza asejele izikhulu zeSANDF ezitokile

Zisazogqunywa esitokisini izikhulu ezingu-12 ze-South African National Defence Force (SANDF) kuze kube umhla ka-03 July 2025.

Lokhu kuvezwe iNkantolo yeMantshi yase-Randburg ngesikhathi ihlehlisa isicelo sebheyili ngoLwesibili.

Abammangalelwa babhekene namacala amaningi abucayi, okubalwa kuwo awokubulala, ukuthumba, ukukhwabanisa, ukuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho, ukuqamba amanga kanye nokweba imoto.

Amacala asukela ekuthunjweni kuka-Abdella Hussain Abadiga noKadir Jemal Abotese ngomhla ka-29 December 2022.

NgokweSolezwe izisulu kubikwa ukuthi zathunjwa eMall of Africa zayiswa enkanjini yamasosha iZwartkop Military Base, kanti akukaziwa ukuthi zikuphi.

Abasolwa bayamataniswa nokubulawa kukaLieutenant Colonel Frans Mathipa, iphoyisa loKlebe elaliphenya ngokuthunjwa kwalezi zisulu.

UMathipa wadutshulwa wabulawa mhla zi-6 ku-Agasti 2023 ku-N1 Highway ngabantu okuthiwa babeshayela imoto ye-SANDF.

Ngesikhathi kuqhubeka ukuqulwa kwamacala, ummeli wabasolwa uhambise izincwadi ezifungelwe lapho bephika ukuthi bayathinteka ezigamekweni ezibaliwe.

Kuphinde kwafakwa isitatimende somkhuzi wawo wokweseka isicelo sebheyili.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 116

Related Articles

Back to top button