
Babalekela kumaniphu nakumahhafu ngenxa yomzambiya kagologo
Sekushayisa ngovalo esikhathini samanje ukuba umphuzi wotshwala eNingizimu Africa njengoba oqhibikhowe abazigayela bona utshwala bethe chithi saka.
IPurpose ixoxisane nabaphuzi botshwala abacele ukungadalulwa okubalwa nomsebenzi wakwaSmirnoff ngqo.
“Ngisebenza kwaSmirnoff kodwa kwamina ngiyabukhetha utshwala nokuthi bukulipho ibhodlela. Ngincamela ukuthenga ihhafu kunebhodlela eliphelele,”
“Baningi abesebenzisa ibhodlela u750 ml ukudayisisela izitolo ezinkulu umbombayi, abakangeni emabhodleni amancane okubalwa neniphu,” usho kanje.
Omunye uthe uncamela ukuthenga noma amahhafu amabili kunebhodlela eligcwele akukhathaleki ukuthi ulithenga esitolo esinegama.
Sikhuluma nje ikhwelo kwabadayisa utshwala lokuthi baqinisekise ukuthi babeka phambili ukuphepha kwabantu, bangadayisi utshwala obungumbombayi.
Lokhu kushiwo okhulumela inhlangano iNational Liquor’s Traders, uMnuz Lucky Ntimane, kulandela ukushaqwa kotshwala obudume ngokuthi wumzambiya.
Lobu tshwala obungumbombayi bubanjwe eKlaarwater, eMariannhill, ngasePinetown.
Ngokusho kwamaphoyisa, bungabiza inani lasemgwaqweni elingu-R250 000 lobu tshwala bohlobo lweSmirnoff esiwumzambiya esitholwe ngamaphoyisa kulo muzi.
“Lokhu kuzoqinisekisa ukuthi ziyancishiswa izephulamthetho. Ukuncishiswa kwazo kuzosiza ekutheni kuphele nya ukudayiswa kwalobu tshwala obungafanele,” kusho uNtimane.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uBrigadier Jay Naicker, uthe amaphoyisa ashaqe utshwala obuwumbombayi obungabiza u-R250 000 eKlaarwater, eMariannhill ngoLwesibili.
Udalule ukuthi amaphoyisa abe esebopha owesilisa oneminyaka engu-31, okuthiwa ovele eNkantolo yeMantshi yasePinetown.
Elandisa ngalokhu, uthe amaphoyisa ophiko lweProvincial Organised Crime Unit (Narcotics) elekelelwa awophiko lweProvincial Drug and Firearm Unit kanjalo naweProvincial Counterfeit Goods Unit, athole umkhondo ngokukhiqizwa nokudayiswa kukatshwala obuwumbombayi.
“Bathe uma besesha umuzi ebebenikwe umkhondo ngawo, bafica owesilisa oneminyaka engu-31, abavele bambopha khona lapho ngecala lokuphula umthetho katshwala, nowezimpahla ezingombombayi,” kusho uNaicker.
Ucwaningo lwakamuva lweDrinks Federation of South Africa (DF-SA), luveza ukuthi u-18% wabo bonke utshwala obudayiswa kuleli buwumbombayi.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 116



