
Bashaya isdudla emoyeni abasakazi abangena kwipolitiki
Sihle Mkhize
Bashaya isdudla abasakazi abazakhele udumo ezinhlelweni ezahlukene emsakazweni njengoba bethi xhinti kwipolitiki kodwa babuye sengathi bayasha emoyeni.
Kuzokhumbuleka ukuthi iqembu le-Economic Freedom Fighters (EFF) KwaZulu-Natal lake labamba “ufishi omkhulu” uLinda “Mr Magic” Sibiya.
Lezi zindaba zaqinisekiswa uNobhala jikelele eKZN uNkululeko Ngubane ngo-October 2023 ezishaya isifuba ngokuthi bazobhincisela nxanye kwasani okhethweni luka-2024.
USibiya wayejoyine i-EFF nje wayekade eyilunga lokuqina le-ANC ngesikhathi kusaphethe uMengameli uJacob Zuma.
Nokho akucaci ukuthi yini eyamnenga kwipolitiki njengoba wabuyela ngeshodi emoyeni.
Manje esengomonye wabasakazi abangaconsi phansi kwiGagasi FM alijoyine ngokugcwele ngo-April 2026.
UZimiphi “Zimdollar” Biyela eminyakeni engu-12 eyedlule naye washiya phansi isikhondlakhondla somsakozo uKhozi waqoma iqembu lepolitiki iNFP.
Ngaleso sikhathi ebuzwa abezindaba wathi unxenxwe yinkampani enkulu, emasontweni amabili alandelayo wavumbuka kwiNFP engunombolo-7 ohlwini isaholwa uNkk KaMagwaza Msibi.
Kuthe emva konyaka ngo-2015 washaya ungqimphothwe kwazwakala ukuthi usesulile kwiNFP.
Ebuzwa ngesinqumo sakhe wathi akafuni ukukhuluma ngemuva.
“Nginqume ukuthi ngiphume ngiphele kwipolitiki ngilandele ubizo lwami kwezokusakaza. Angifuni ukukhuluma ngemuva lami ngizelwe kabusha manje. Ngithemba ukuthi abalandeli bami bazokujabulela ukuzwa iphimbo lami futhi,” washo kanje ekhuluma neDaily Sun.
Nokho lokhu kwakungaqali ngalaba basakazi ababaliwe ngenhla njengoba ngo-1999 intandokazi yoKhozi FM uMandla Malakoane wajoyina i-IFP ngo-1999 kwisiShayamthetho saKwaZulu-Natal ebambe kwikomiti lezokuThutha.
Nokho, Ekuhambeni kwesikhathi wajoyina iqembu le-ANC. Yena ke akaze aphinde abuye ngokugcwele kodwa uyamenywa ezinhlelweni ezahlukene.



