Ezezimoto

IToyota Cross Hybrid ikwenza uzizwe usekhaya emgaqweni

Sihle Mkhize

Ngibe nethuba elingqayizivele lokuhamba ngengqovungqovu iToyota Corolla Cross Hybrid.

Engikuqaphelile ngalo mshini ozoshintshanyo (automatic) ukuthi mkhulu muhle futhi ungawethemba.

Ukhangwa ubhampa owenziwe kabusha uma uwuqhathanisa nowangaphambilini negrille ikudonsa usekude amalambu ungawafanisa namehlo eShayina.

Ngikhumbula eminyakeni eminingi eyedlule kubikezelwa ngohlobo lwemoto ekwazi ukuhamba isebenzisa upetrol kanye nogesi, iCross Hybrid ingenye yazo.

Lokhu kuhambisana nokunakekela imvelo njengoba ingawugcolisi umoya futhi iwonga upetrol lokhu okubabazekayo.

Ingaphakathi leToyota Cross Hybrid likwenza ungabe usafisa ukuphuma

Ngaphakathi ukhangwa izihlalo zesikhumba nakudashboard, lezi zihlalo uzenza okufiswa uwe njengoba zinamabhathi kagesi.

Yinhle kakhulu ngokuvuleka ngoba bahlala ngokukhululeka abantu abahlanu kule moto.

Ebhuthini akusikhala udedangendlala omunye wabangani bami ongumdondoshiya wensizwa uke wangena sakulala ebhuthini.

Uphume ethi ubeseshoda ngengubo ngoba le bhuthi ingamanela ukugoba amadlangala ngendlela enkulu ngayo.

Kwezokuchwepheshe yinhle kodwa imvamisa cishe zonke izimoto ezisesigabeni zeCross Hybrid zisezingeni eliphezulu.

ICross Hybrid iyakukhombisa lapho uhlehlela khona, uma kuzodlula imoto eceleni iyasho laphaya esibukweni somshayeli ubona ngelambu eliphuzi liphayiza.

Izimoto eziningi zivame ukuhlupha ngomsindo onescefana uma abahleli ngaphambili bengalifasile ibhande, le iniphoqa nonke enisemotweni ukuthi niwafase ukuze niphephe.

Ngendlela abakuqikelele ngakhona ezokuphepha kwala noma usondela ngabe isodongeni noma indawo enobungozi iyakuthiphisa iCross Hybrid kwi-screen.

Asiyishayele izandla lemoto ekuhlanganiseni umsindo onamandla uzwe wanconywa ngisho nawu Dr Phuzekhemisi esike sahamba naye ngayo.

Okungididile yilo msindo wayo ongemuhle uma uyicindezela unyuka intaba, ngike ngabuza kwenye izinsizwa esebenza eSiphingo, Prospection, lapho yakhiwa khona le moto yangena ezintangeni kucaca ukuthi ayinayo impendulo.

NgoMay phakathi kwezimoto zakwaToyota ezidayise kahle kukhona iCorolla Cross (1629), Starlet (1039), neStarlet Cross (694).

IToyota Fortuner ifinyelele ku 679. AmaLexus kudayiswe angu 109, angu 46 kuwo awohlobo lweLexus GX. Kuze kube yimanje iveni elisahamba phambili ngokudayiswa iToyota Hilux.

Inani layo lisukela ku-R494 400.00 kuya phezulu.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 116

Related Articles

Back to top button