
Selimi ngomumo iTheku ukwamukela izivakashi kwiDurban July
Sihle Mkhize
Selimi ngomumo iTheku ukwamukela izivakashi ezizobe zithe chithi saka kwiHollywoodbet kwiDurban July.
Lo mcimbi okuqhudelana kuwo amahhashi kudlisa inqephu, istayela nobukhazikhazi.
Ubanjelwa eGreyville Racecourse minyaka yonke.

Yethula ngokusemthethweni lo mcimbi iMeya uCyril Xaba ngoLwesithathu enxanxatheleni yezitolo iWestown eShongweni, iveze ukuthi iTheku libheke ukuhlomula imali elinganiselwa ku-R278 million.
Lo mcimbi odonsa amehlo omhlaba uzobe ubungaza iminyaka engu-129 wasungulwa.
“Amaphoyisa wethu ebambisene nezinkampani zonogada ezizimele bazobe beqaphe isimo ikakhulukazi eGreyville nakwezinye izindawo”
“Kulindeleke ukuthi izivakashi zichithe imali ebalelwa ku-R278 million, imali engu-R700 million ezongena eThekwini GDP. Kudaleke amathuba emisebenzi engu 4 000,” kusho iMeta uCyril Xaba.
Ingqikithi yakulonyaka ithi ‘Marvels of Mzansi’.
USihlalo we-Economic Development and Planning Committee uKhansela uThembo Ntuli uthe wakulokhu uthembisa lukhulu .
“Isikhathi sokuthi sibungaze ubumnandi beTheku, eligabe ngobumnandi ilobusezingeni lomhlaba,” usho kanje.
Khonamanjalo, kuzoqopheka umlando eThekwini ukuthi kube ne-marquee yamabhinca.
Kuzobe kudlalwa futhi kugidelwe nomculo weSintu kwi-Hollywoodbets Durban July yalonyaka.
Le marquee ihlelwe i-Halisi Afrique ne-Fast and Quick Consulting.
Kuzonandisa u-Mthandeni “Igcokama Elisha”, uMawhoo, uSminorf, uLimit Nala kanye nabomculo wekwaito uMdu Masilela, DJ Merlon nabanye.
“Sifuna ukukhombisa ukuthi uMaskandi nawo ufanele iziteji eziphakeme njengalesi,” kusho uPhindile Zulu, uMqondisi weHalisi Afrique.
ULindani Gumede, uMqondisi weFast and Quick Consulting oqhamuke nalelicebo le-Durban July Amabhinca, uthe:
“Sijabule kakhulu ukuthi ekugcineni sesi nesikhala sethu kwi-Durban July, singaguquli amasiko ethu. Siyabonga Halisi Afrique ngokusebenzisana nathi kulolu hambo olusha.”
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169