
Owokufika udubule owakuleli obemkweleta irenti
Philasande Luthuli
Usinde ngokulambisa owesilisa waseNingizimu Africa obejuqwa owase Zimbabwe ngevolovolo ngenxa yokuba semuva ekukhokheni irenti ngeSonto ntambama.
Lesi sigameko esithuse abaningi senzeke Waterloo.
Amalunga omndeni walesi siqashi athinte iReaction Unit South Africa (RUSA) emva kokuzibonela ngawawo lo mlisa waseZimbabwe ehubha lesi siqashi ngevolovolo nokugcine sekuzwakala ukuqhuma kwesibhamu.
Onogada bathungathe lo mgilwa njengoba bese kungaziwa ukuthi uphelelephi, nokho bamthole engenamyocu.
Utshele onogada ukuthi usanda kulahlekelwa umsebenzi ecall centre wase ehluleka ukukhokha irenti njengoba bese ekweleta uR3 500.
Ngokukamgilwa uthi le ndoda imqonde ngqo idinwe iveva imbuza ngemali ayikweletayo, ibe isimjijimeza yamhubha yagcina idubula ibhekise ngakuye.
Kutholakale namagobolondo ezinhlamvu endaweni yesigameko, kodwa ubesedle phansi lo mlisa waseZimbabwe engasabonwa nangokhalo.
Kwenzeka konke lokhu nje umgilwa ubezoqala umsebenzi omusha namhlanje (Msombuluko) futhi ezimisele ukukhokha yonke imali abeyikweleta uma eqala ukuhola.
Uphenyo luyaqhubeka mayelana nalolu daba.
Kwenzeka lesi sigameko nje abantu baseMzansi bawotha ubomvu njengoba benqumele ugwayi katiki bonke abantu bokufika abakuleli ngokungemvumo.
Kubalwa izinsuku njengoba benikwe unqamlajuqu wangomhla ka-30 June ukuthi baphume baphele eNingizimu Afrika.
Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169



