Ezokungcebeleka

Ulahlwe amacala angamgweba iminyaka engu-10 ejele uDiddy 

Umrepha ophinde abe ngusomabhizinisi emculweni uSean “Diddy” Combs uphunyulile emacaleni anzima abebhekene nayo.

Yize kunjalo kulolu hide lwamacala abebekwe wona uhluleke wancama ukuphunyula ecaleni lokuthutha abesifazane beyoqwayiza.

Uphume phambili kwamanye ahlukene okubalwa awukushushumbisa.

Okuvelile wukuthi ngokomthetho waseMelika lamacala awanqobile abengamgquma ejele impilo yakhe yonke.

Kulawo amlahlile angase abhekane nesigwebo esicela eminyakeni eyishumi ngalinye.

Kuthiwa amacala amlahlile ahamba nesigwebo esifinyelela eminyakeni engu-10 ngalinye.

UCombs eNkantolo ngesikhathi kukhishwa isinqumo ubemamatheka ebukeka njengomuntu okhululekile.

Ube esexhawulisana noyedwa wabammeli bakhe wathi “uyabonga” ethimbeni labammeli abayisishagalombili. Abesilisa abane nabesifazane ngokunjalo.

IJaji u-Arun Subramanian libonge abasebenzi basenkantolo ngaphambi kokuthi iguqe.

“Benilalela, nisebenze kahle ngokubambisana. Benihlezi nikhona lina noma libalele,” usho kanje.

Ngokwe-CNN, uCombs ngaphambi kokuthi aphume enkantolo, uguqe phambi kwesihlalo sakhe wagebisa ikhanda kuhle komuntu othandazayo.

Uvuke wabheka wabheka abebethamele icala washaya izandla nabo benza okufanayo.

Abammeli bakhe kulindeleke ukuthi bafake isicelo sokuthi akhishwe eyolinda isigwebo ngaphandle.

UCombs waboshiswa umculi owayeyintombi yakhe uCasandra Ventura kanye nomunye wesifazane bekhala ngokuthi ubebenza omahosha.

Leli cala elodonse amehlo omhlaba beliqulwa eNew York.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button