Izindaba

Kubulewe obefuna ukwazi ngezimali zikaMaspala ezehliswa ngomlenze

Ubesaqede izinyanga ezintathu kuphela uMnuz Mpho Molefe olalelwe unyendle ephuma emhlanganweni kaMasipala waseEkurhuleni, eGoli.

Kuthiwa isono sakhe ukuzama ukuvimba inkohlakalo kulo Masipala.

UMolefe (47) usocongwe ngabantu abangaziwa ephuma kumhlangano oshubile nezikhulu zomaspala Ekhurhuleni ngoMsombuluko.

Ngokwemithombo yangaphakathi kuthiwa wayefuna incazelo ngezimali ezidliwa bhusende nenqwaba yama invoice akhokhela izinkampani kabili ngomsebenzi owodwa.

Isidumbu sakhe sitholwe emotweni namanxeba amaningi okudutshulwa.

Sitholwe emgaqweni uR23 Kempton Park ngezithuba zakusihlwa.

Ubulawa nje uMolefefe ubenezinyanga ezintathu eqashwe njengesikhulu sokuphenya amacala athinta ukukhwabanisa kwezimali ngaphakathi kulo Maspala.

Kuvele ukuthi phambilini ubesebenza kwihhovisi lomcwaningi mabhuku eseqede iminyaka engu-14 esebenza khona.

Ushiye emuva izingane ezintathu ezincane zamantombazane.

Okhulumela umndeni uTebogo Maphuti uchaze umufi njengomuntu ozithulelayo akaze abike ukuthi mpilo yakhe isengcupheni.

Yize kunjalo kodwa wayehlala esho ukuthi lomsebenzi awenzayo manje unzima ubeka konke kuMdali.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button