Ezokungcebeleka

USweet Guluva uphephezelise iflegi lakuleli kwiTop Chart Africa

Usaziwayo wakuleli u-Akhonamathemba “Sweet Guluva” Mbele uphephezelise iflegi lakuleli kwiTop Chart Africa.

Le nkampani ibheka okwenzeka ezweni kwezokuxhumana imizuzu nemizuzu ese ikhiphe uhlu losaziwayo abangondabamlonyeni masonto wonke e-Afrika.

Okwakamuva bekusukela kumhla ka-16 kuya ku-24 kuJune 2025.

Okuhlabe umxhwele kakhulu abantu baseNingizimu Africa ukubona isihlabani sakuleli esanqoba kwiMzansi Big Brother uSweet Guluva elele isibili kulolu luhlu.

Ulandela emuva uMengameli waseNigeria  uBola Ahmed Tinubu.

Ngaphandle kwaSweet Guluva kukhona osaziwo abangu-50 abahlonishwayo ezwenikazi.

Kubona kubalwa kubo abaculi uWizkid noTyla, osopolitiki okuhlanganisa umholi weqembu uMkhonto Wesizwe uMnuz uJacob Zuma noMnuz uJulius Malema ohola i-Economic Freedom Fighters.

Abanye balabo saziwayo behleze beba kuloluhlu, kuye ngokusuke kwenzeka ngaleso sikhathi.

Ngemva kokuvezwa kwalolu luhlu kuchwaze abalandeli bakaSweet Guluva abazibiza “ngamaSweet G’s” ezinkundleni zokuxhumana kwaba inqaba.

Okuyikho obekuthokozisa abalandeli ngokuvela kwakhe kuloluhlu ukuthi akuzona izizathu ezimbi ezenza abe sematheni.

Kuzokhumbuleka ukuthi iningi losaziwayo baba ngondabamlonyeni ngenxa yokwenza kabi emphakathini.

USweet Guluva waba sezinhlizweni zabaningi ngenxa yogazi analo mhla eba sohlelweni lukamabonakude olwaziwa ngeBig Brother Mzansi yesihlanu ekuqaleni kwalonyaka.

Kulolu hlelo wayeqhakambisa ubuyena nemvelaphi yakhe yakwaZulu ngendlela enamancoko.

Ekupheleni kwalokuhlelo wahlomula ngomklomelo wezigidi ezimbili.

Kusukela lapho abalandeni bakhe abawuvali umlomo ngalensizwa yaseNquthu eneminyaka engama-23.

Bayede News

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button